Umhlangano Waminyaka Yonke—Ngo-October 6, 1990
UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu eWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania uyoba ngo-October 6, 1990, eHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova, e-2932 Kennedy Boulevard, eJersey City, eNew Jersey. Umhlangano owandulelayo wamalungu kuphela uyoqala ngo-9:30 a.m., ulandelwe umhlangano weningi waminyaka yonke ngo-10:00 a.m.
Amalungu eNhlangano kumelwe azise iHhovisi likaNobhala manje nganoma yiluphi ushintsho emakhelini awo okuthumela phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zezaziso namaphepha okuvota kufinyelele kuwo ngokushesha ngemva kuka-August 15.
Amaphepha okuvota, ayothunyelelwa amalungu kanye nesaziso somhlangano waminyaka yonke, kumelwe abuyiswe ukuze afinyelele iHhovisi likaNobhala ngaphambi kukaSeptember 1. Ilungu ngalinye kufanele liligcwalise futhi lilibuyise ngokushesha iphepha lalo lokuvota, lisho ukuthi lizoba khona ngokwalo emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwe ephepheni ngalinye lokuvota kufanele kube okuqinisekile kuleliphuzu, njengoba kuyothenjelwa kukho ekwazini ukuthi obani abayoba khona ngokwabo.
Kulindeleke ukuba sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano webhizinisi nemibiko, siphele ngo-1:00 p.m. noma ngokushesha ngemva kwalokho. Ngeke sibe khona isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa umhlangano waminyaka yonke ngocingo nezinye izindawo.