Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 9/1 k. 15
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • “[Uyajabula] Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukwamukela Izindaba Ezinhle EBelgium
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 9/1 k. 15

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni

UJEHOVA unguNkulunkulu ojabulayo. (1 Thimothewu 1:11, qhathanisa neNW.) Ufuna labo abamkhonzayo nabo bajabule. Ngakho uma enye yezinceku zakhe icindezelekile, uJehova uyayisiza ukuba ikhuthazelele lobobuhlungu, futhi ngezinye izikhathi iphinde ithole ngisho nomoya wenjabulo. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kwaseUruguay kuyakubonisa lokhu.

Udade wayesemthola-mpilo eMontevideo elindele imiphumela yokuhlolwa kuyiX-ray. Owesifazane owayehlezi eduze kwakhe wayekwesaba kakhulu lokho udokotela ayengase amtshele khona njengomphumela wokuhlolwa ayekwenzile. Lodade wamtshela ukuthi kusukela aba uFakazi kaJehova, wayengasesabi lutho. Nokho, lona wesifazane, wathi wayengabathandi oFakazi ngoba balindela indinganiso ephakeme kakhulu kubantu.

Lodade wabe esemtshela indlela ulwazi lweBhayibheli olwaluye lwamsiza ngayo. Wayelahlekelwe indodakazi yakhe eneminyaka engu-18 ubudala ngokufa futhi wayeye waba sesimweni sokucindezeleka ngokujulile iminyaka eyisishiyagalombili. Izazi zezifo zengqondo nemithi ebizayo akuzange kumsize ukuba anqobe lokhu kucindezeleka. Wathi walala esibhedlela izikhathi eziningi, kodwa akubonakalanga bungcono. Abendlu yakhe babenakekelwa izisebenzi ngoba yena ngokwakhe wayengakwazi ukwenza lutho. Wazama ukuzibulala ngoba wayengasenasithakazelo ekuphileni. Akukho okwabonakala kusiza.

Watshela lona wesifazane ukuthi ngolunye usuku kwafika oFakazi BakaJehova bamshiyela izincwadi ezithile zeBhayibheli. Lokho kwavusa isithakazelo sakhe eZwini likaNkulunkulu, waqala ukufunda iBhayibheli waze waliqeda. Okuthile kwaqala ukushintsha ngaphakathi kuye. Waqala ukuvuka ekuseni futhi waba nesithakazelo emkhayeni wakhe. Ekugcineni wanquma ukuba ayinakekele yena siqu indlu futhi wathola ukuthi wayekwazi ukwenza kanjalo. Kwaba sengathi wayengakaze agule! Lokhu kwamenza wajabula kakhulu.

Akazange abuyele esazini sezifo zengqondo. Isifiso sakhe sokuphila savuswa ulwazi lwakhe lweZwi likaNkulunkulu, futhi lokhu kwaba yikhambi elingcono. Wafuna oFakazi BakaJehova, baqalisa isifundo sasikhathi sonke naye. Waqala nokuba khona emihlanganweni, ngokushesha okukhulu wabhapathizwa. Njengoba engasakhathazwa ukucindezeleka, manje uthola injabulo ekukhonzeni uJehova.

Owesifazane owayesegunjini lokulindela walalela ngokucophelela. Khona-ke wayesethi kudade: “Ngezinye izikhathi ngiye ngahlangana noFakazi BakaJehova; kodwa uma kwenzeka ngesikhathi esizayo, ngempela, ngiba omunye woFakazi BakaJehova mina siqu, kuyoba ngenxa yalokhu osanda kungitshela khona. Ukukulalela kunjengokuqala ukubona ukukhanya endaweni emnyama.”

Abantu abaningi ezweni lonke bayakubona ukuba yize kokuzama ukuzixazululela izinkinga zokuphila ngokwabo, ngakho baphendukela kuJehova uNkulunkulu. Yeka ukuthi bajabula kanjani ngokufunda ngezwe elisha elizayo likaNkulunkulu lapho bonke abantu beyojabula khona nalapho ukucindezeleka kuyoba into yesikhathi esidlule khona!—IzAga 16:20.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela