Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 8/1 k. 32
  • Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 8/1 k. 32

Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?

UIan Boyne, umlobi wezenkolo weSunday Gleaner, eJamaica, eWest Indies, wakhuluma ngencwajana yamuva engangomagazini ekhishwe oFakazi BakaJehova, ethi ngokwengxenye:

“OFakazi bafanelwe u-‘A’ ngalencwajana, nakuba ibhalwe ngobulula kangangokuba ingafundwa osemusha, igcwele—ngaphandle kokweqisa—izingcaphuno zezazi nezezincwadi ezihlonishwayo. . . . Lencwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? iyigalelo elikhulu loFakazi futhi manje akekho okholelwa kuZiqu-zintathu—noma okholelwa konkulunkulu ababili emunye—ophephile. Lencwajana inenqwaba yezingcaphuno ezivela ezincwadini zomlando nezenkolo ukuze ibonise ukuthi imfundiso kaZiqu-zintathu ayiveli eBhayibhelini. Icaphuna iEncyclopedia of Religion enegunya njengethi, ‘Izazi zezenkolo ziyavuma ukuthi neTestamente Elisha alinayo imfundiso ekhanyayo kaZiqu-zintathu.’”

UBoyne uyaphawula futhi: “Kunzima kakhulu ngalomlobi wenkolo ukubona ukuthi ilungu lesonto elivamile—ngisho nelingaphezu kwelivamile—lingaziphendula kanjani izimpikiswano ezinzulu eziphakanyiswa oFakazi ngokumelene nombono wokuthi uJesu unguNkulunkulu.”

Uma ufisa ukuthola ikhophi yalencwajana, siza ugcwalise bese uthumela ikhuphoni elingezansi.

Ngingathanda ukuthola incwajana engangomagazini enamakhasi angu-32 ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)

[Imithombo Yezithombe ekhasini 32]

Musée du Louvre, Paris

Museo Egizio, Turin

Musée des Beaux-Arts de Troyes

Museo Bardini, Florence

Musée du Louvre, Paris

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela