“Bayajabula abanokuthula”
NGO-1901 uMklomelo kaNobel woKuthula, owawukhishwa ngokokuqala ngqá, watholwa nguJean-Henri Dunant, umsunguli wesiPhambano Esibomvu, nesazi sezomnotho uFrédéric Passy. Kusukela ngalesosikhathi kuye kwaklonyeliswa ngawo izikhathi ezingu-69, izikhathi ezingu-55 kubantu abangu-71 abahlukahlukene, ngabanye noma behlangene, futhi izikhathi ezingu-14 emaqenjini noma ezinhlanganweni ezingu-16. Amanye amaqembu aye awuzuza izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, njengeKomiti Yezizwe Zonke Yesiphambano Esibomvu (ngo-1917, 1944, nango-1963) neHhovisi leNxusa Elikhulu Lababaleki leZizwe Ezihlangene (ngo-1954 nango-1981). Ngokusobala ngenxa yokuntuleka kwabazuza umklomelo abafanelekayo, ikomiti yomklomelo kaNobel yenqaba izikhathi ezingu-19 ukukhipha umklomelo.
Njengoba umuntu engase acabange, abaningi babazuzi bomklomelo bebelokhu beyizikhulu zikahulumeni, ochwepheshe bezokuxhumanisa ukuxoxisana kwezizwe, noma abantu abahlangene ngandlela thile nezombangazwe. Kodwa abalobi bamaphephandaba, izazi zomthetho, izazi zezenhlala-kahle, izazi zezomnotho, nabashisekeli benguquko yomphakathi wesintu nabo baye bawuthola. Ngisho nososayensi, phakathi kwabo uLinus Pauling ngo-1962 noAndrey Sakharov ngo-1975, baye badunyiswa kanjalo, njengoba kuye kwenziwa nakubaholi bezisebenzi, ngokuphawulekayo uLech Walesa ngo-1983. Futhi ngo-1970 lomklomelo wanikwa isazi sezolimo uNorman E. Borlaug.
Umuntu wokuqala wenkolo owaklonyeliswa ngalomklomelo kwakungumbhishobhi omkhulu ongumLuthela waseSweden uNathan Söderblom, owakhethwa ngo-1930. Ngo-1946 umuntu ovamile nongumvangeli waseWeseli uJohn R. Mott wathola lomklomelo, owalandelwa isazi semfundiso yenkolo nefilosofi uAlbert Schweitzer ngo-1952 futhi ngo-1958 walandelwa umfundisi waseBelgium uDominique Georges Pire. Ngo-1964 kwakhethwa umholi wokulwelwa kwamalungelo omphakathi ongumfundisi waseBaptist uMartin Luther King, Jr.
Kodwa eminyakeni yamuva nje, inkolo ibinendima evelele ngokwengeziwe ekuphishekeleni kwezwe ukuthula. Ngokuvumelana nalokhu kuthambekela, abantu abathathu kwabayisishiyagalolunye bokugcina abaklonyeliswa ngoMklomelo kaNobel woKuthula bebengabantu benkolo: indelakazi elingumKatolika uMother Teresa waseCalcutta ngo-1979, umbhishobhi waseSheshi uDesmond Tutu waseNingizimu Afrika ngo-1984, futhi ngonyaka odlule, “inkosi engunkulunkulu” yamaBuddha ethunjiwe yaseTibet, uDalai Lama.
Yiqiniso ukuthi uJesu Kristu wathi: “Babusisiwe abenzi bokuthula.” (Mathewu 5:9, King James Version) Kodwa ingabe imizamo yenkolo—kungakhathaliseki ukuthi amaKatolika, amaProthestani, amaBuddha, noma okunye—yokukhonza njengabenzi bokuthula kulelizwe iyophumelela?
IBhayibheli lisitshela ukuthi lelizwe lanamuhla elibi elidediselwe kude noNkulunkulu alisoze laba nokuthula okuhlala njalo, okuyiqiniso elingenakushintshwa ukuhileleka kwenkolo ezindabeni zezwe zokunakekela abampofu, zenhlalo, nezombangazwe. Ngokuletha uMbuso wakhe ngaphansi kukaKristu Jesu, “iNkosi yokuthula,” esikhundleni sohulumeni banamuhla uMdali uqobo maduzane uzobusisa isintu esikholwayo ngokuthula.—Isaya 9:6, 7; 57:21; IHubo 46:9; Daniyeli 2:44.
Abantu abanokuthula abaliqaphelayo leliqiniso nabalolonga ukuphila kwabo ngokuvumelana nalo bayojabula ngempela. Njengoba iNew World Translation ihumusha amazwi kaJesu ngokuthi: “Bayajabula abanokuthula.”