Ingabe Ungakwamukela Ukuvakashelwa?
Omunye woFakazi BakaJehova angathanda ukukuvakashela futhi akusize ukuba wandise ulwazi lwakho ngoNkulunkulu, uMbuso wakhe, nangezinjongo zakhe njengoba zibhalwe eBhayibhelini. Siyaqiniseka ukuthi lokhu kwaziswa kuzokusiza, ngoba kuzonikeza izimpendulo ezinokwethenjelwa ezinkingeni esibhekene nazo sonke namuhla. OFakazi BakaJehova banikeza imfundo yomuntu siqu neyeqembu eseBhayibhelini mahhala.
Ngakho uma ungathanda ukuba umuntu ofanelekayo akuvakashele ekhaya lakho, noma kwenye indawo efanelekayo, siyokuhlelela lokho ngenjabulo. Uyosizwa ukuba ungatholi nje kuphela izimpendulo zemibuzo yakho yeBhayibheli kodwa futhi nezimpendulo zezinkinga ezingaxazululwa ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Ukuze uzenze utholakalele lenkonzo, kalula nje gcwalisa bese uthumela isigqebhezana esingezansi.
(Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower Society elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)