Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 7/15 k. 6
  • Ngoba Wathandaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngoba Wathandaza
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Sithandaze Singaphezi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • 5 Sithandaze Kuphi Futhi Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Phakamisa Izandla Ezithembekile Ngomthandazo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • UJesu Usifundisa Ukuthandaza
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 7/15 k. 6

Ngoba Wathandaza

KWEYOKU-1 Thesalonika 5:17, 18, umphostoli uPawulu wathi: “Khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.” Nokho, ingabe ngesinye isikhathi uzithola unqikaza ukubonga lapho udla endaweni yomphakathi? Ngokucabangela isixwayiso sikaJesu sokugwema umthandazo owenzelwa ukubukisa, kuyaqondakala ukuthi umuntu angase athande ukugwema ukwenza ukuba aqashelwe ngokungadingekile. (Mathewu 6:5, 6) Nokho, umthandazo owenziwa ngesizotha ungaholela ekusabeleni okuhle.

Lokhu kwakungokuhlangenwe nakho kwesikhonzi esisesisha esikhonza eBethel yaseBrooklyn, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Sasidla ukudla kwasekuseni endaweni yomphakathi yokudlela, sizoya ebandleni esihlanganyela kulo ukuze sihlangane neqembu elalizohlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Lapho ukudla kwaso kufika, sathandaza ngendlela yaso evamile. Lapho sivula amehlo, sabona intokazi ewuweta imi imgqolozele.

Yabuza: “Uyathandaza, akunjalo?” Lapho sivuma, yathi: “Kumelwe ukuba ungomunye woFakazi BakaJehova. Nabazali bami bayibo. Angikaze ngihileleke ngempela enkolweni yabo, kodwa ngiyazi ukuthi kufanele ngihileleke. Mhlawumbe kufanele ngithole isikhokhelo seNqabayokulinda nesePhaphama! Ingabe ngingazithola kuwe?”

“Ngacishe ngabindwa ukudla,” kukhumbula lomzalwane osemusha. Nokho, wakwazi ukuhambisa izikhokhelo ezimbili nomagazini ababili bamuva kulentokazi futhi wahlela ukuphindela—ngenxa nje yokuthi wathandaza.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela