Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 6/1 k. 32
  • “Ithemba Lezwe Elingcono”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ithemba Lezwe Elingcono”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 6/1 k. 32

“Ithemba Lezwe Elingcono”

Lapho evakashele eMontreal ngoJuly 1985, uGilles Le Sieur washiya ngephutha isikhwama sakhe sezincwadi esitimeleni esihamba ngaphansi komhlaba. Ngosuku lwangemva kokuba ephindele ekhaya, endaweni eqhele ngamakhilomitha angama-260 ukusuka eMontreal, wathola ucingo luvela kowesifazane osemusha owayethole lesosikhwama. UGilles nomkakhe baphindela eMontreal ukuyosilanda. Lapho befika, banika Iona wesifazane osemusha incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Cishe emasontweni amabili kamuva, bathola incwadi yokwazisa evela kuye, ngokwengxenye ethi:

“Angazi ukuthi phakathi kwethu ubani owenzele omunye inkonzo enkulu ngesonto elidlule. Nakuba bengingalindele lutho oluyimbuyiselo, kwangihlaba umxhwele ukubonga eningibonise khona. Engikwazisa ngokukhethekile iqiniso lokuthi nifune ukuhlanganyela nami umthombo wenjabulo yenu. . . . Kakade sengiyifundile incwadi eninginike yona, futhi ngesikhathi nifunda lencwadi, omunye wabangane bami uzobe eyifunda. Beniqinisile ngezinzuzo ezilethwa yilencwadi. Ayinginikanga nje kuphela ithemba lezwe elingcono kodwa iphendule imibuzo eminingi engakaze iphendulwe inkolo yami. . . . Manje sengiqalise kabusha ukufunda iBhayibheli nginesifiso sokuphila ukuphila okungcono.”

Lona owesifazane osemusha waqhubeka nokufunda kwakhe iBhayibheli futhi, ngesikhathi esifanele, waba isikhonzi sesikhathi esigcwele sezinto ezinhle ayezifundile.

Sizani ningithumelele incwadi enamakhasi angama-256, enoqwembe oluqinile ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, iposi likhokhelwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela