Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 5/1 k. 29
  • “Manje Sesinelethu IHholo LoMbuso”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Manje Sesinelethu IHholo LoMbuso”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 5/1 k. 29

“Manje Sesinelethu IHholo LoMbuso”

KUNINGI osekushiwo ngamaHholo oMbuso akhiwa ngokushesha emazweni anjengeGreat Britain, iCanada, neUnited States. Nokho, okungaziwa kakhulu iqiniso lokuthi izindawo zoFakazi BakaJehova zokukhulekela ezakhiwa ngokushesha bezakhiwa emashumini eminyaka emazweni okuthiwa asathuthuka.

Emazweni aseAfrika oFakazi bendawo ngokuvamile bakha izindawo zesikhashana zokuqhubela imihlangano emikhulu esikhathini esingamasonto ambalwa. Lezindawo azisebenzi nje kuphela njengezindawo zokuhlangana nezokukhosela elangeni elishisayo kodwa futhi ziye zasebenza njengezindawo zokuhlala izithunywa. Kungaxoxwa ngokuhlangenwe nakho okufanayo ngeMelika Ephakathi.

Ngokwesibonelo, eDolobheni laseGuatemala, eGuatemala, kwathunyelwa umnikelo ka-R520 eBandleni loFakazi BakaJehova laseVivibien. Lapho uFakazi othile wakuleyondawo enikela ngesiqephu sendawo endaweni esemaphandleni, oFakazi banquma ukusebenzisa lomnikelo ekwakheni isakhiwo esihloniphekile abangasisebenzisela imihlangano yabo.

Kwakuzosetshenziswa uqalo ezinhlangothini ezazizophakama zibe ngamamitha angu-1,5; ngenhla kwalokho kwakuzoba nesikhala sokungenisa umoya. Kwanqunywa ukuba ubukhulu balesakhiwo bube ngamamitha angu-4 ububanzi nangu-6 ubude. Lapho abadala bebandla beyobona isiza, bamangala ukuthola phambi kwalesosiqephu sendawo izinyanda eziningana zoqalo, ezingamamitha asukela kwangu-6 kuya kwangu-9 ubude nanobude obusukela emasentimitheni angu-8 kuya kwangu-13. Bathi: ‘Anilakhi ngani ngoMgqibelo ozayo?’

NgoLwesithathu olulandelayo ebusuku, kwasungulwa ipulani yokwakha. NgoLwesine omunye umzalwane wathenga uthayela wokufulela, omunye wathenga izingodo, omunye wathenga izipikili. NgoLwesine ntambama izingodo zase zisikiwe zaba ubude obufunekayo, base beqala ukwenza uhlaka lwemishayo olumise okukanxa-ntathu ngothayela abanikelwe. NgoLwesihlanu ebusuku uhlaka lwemishayo lwase lulungile.

Ngomgqibelo ekuseni kakhulu, iloli elikhulu lathutha imishayo nezinye izingodo, uphahla, nezipikili lakuyisa edolobhaneni. Izimoto ezine zathutha abantu abangaba ngu-50 okungamadoda, abesifazane, nabantwana zabayisa edolobhaneni. Ngo–8:00 ekuseni bonke base befikile.

Kwafakwa izinsika emigodini eyayembiwe edwaleni elabangelwa udaka olomile lwentaba-mlilo. Ngaphambili, oFakazi babethenge kumnikazi wehlathi loqalo izingodo zoqalo ezingu-50 ngamasenti angu-30 lulunye—kongiwa u-R15 sekukonke. Ngokushesha ocelemba bohlobo lwaseMelika EseNingizimu bagawula uqalo. Loluqalo lwasikwa ngesaha lezandla lwaba amamitha ngu-1,5 ubude futhi lwaklaywa phakathi nendawo.

Ngesikhathi imishayo ifakwa endaweni yayo, ezinye izandla zazishayelela uqalo olubheke phezulu ezintingweni ezivundlile, olunye ucezu lushayelelwa ngaphandle olunye ngaphakathi, ukuze kuthi uhlangothi loqalo olukhangayo olubulungene luhlobise ingaphakathi nengaphandle. Ngokulandelayo, kwakhwezwa uphahla ngesikhathi abanye beqala ukuletha amatshe nomhlabathi kokulolonga indawo yaphansi ewubhuqu. Ngaphambi kokuhlwa sase siphelile isakhiwo esasithathe amahora angu-12, futhi abazalwane babuyela emakhaya abo edolobheni izinhliziyo ezijabule.

Kamuva, kwendlalwa phansi amahlamvu anjengezinsungulo esihlahla sepine, futhi kwabekwa izihlalo ezisongwayo namabhentshi ambalwa enziwe ngoqalo olwalusalile. Manje iHholo LoMbuso lase liwulungele umhlangano wokuqala.

Emazweni amaningi asenkabanzwe—eAfrika, eziqhingini zasePacific nezaseCaribbean, eAsia, eMexico, eMelika Ephakathi neseNingizimu—lapho kuhlala khona oFakazi BakaJehova mhlawumbe abayisigidi, izakhiwo ezivamile kanjalo ziye zaletha injabulo koFakazi bakulezozindawo ngoba bayakwazi ukuthi: “Manje sesinelethu iHholo LoMbuso.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela