Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wabathola beyinzuzo kuwe omagazini bamuva beNqabayokulinda? Khona-ke kungani ungahloli inkumbulo yakho ngokulandelayo?
◻ Yini okumelwe siyenze ukuze sijabulele ukuzwana nokuthula kwabantu bazo zonke izinhlanga okuboniswe kuIsaya 2:4?
Okokuqala, kumelwe sivume ukuthi uMdali wethu, uJehova unelungelo lokusifundisa “izindlela zakhe.” Futhi okwesibili, kumelwe sibe nesifiso esiqotho sokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu ngokuba sithi: “[Siyakuhamba] emikhondweni yakhe.” (Isaya 2:2, 3)—12/15, amakhasi 5, 6.
◻ Kungani oFakazi BakaJehova bengadunyazwa futhi bengajabhiswa inzondo nokuphikiswa okusemhlabeni wonke?
UJesu wabikezela ukuthi ukuphikiswa nenzondo enjalo kwakuyoba uphawu olwenza abakhulekeli beqiniso bahluke. (Johane 15:20, 21; 2 Thimothewu 3:12) Ngakho abamemezeli bezindaba ezinhle bayaqinisekiswa ukuthi banokuvunyelwa kwaphezulu. Ngaphezu kwalokho, oFakazi BakaJehova bayazi ukuthi basekelwa uNkulunkulu oPhezukonke, uJehova.—1/1 ikhasi 12.
◻ Yiziphi ezinye izimfuneko eziyisisekelo okumelwe sihlangabezane nazo ukuze imithandazo yethu iphendulwe?
Kumelwe sikukholelwe ngobuqotho ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kumelwe ‘simfune ngobuqotho,’ siqiniseka ukuthi uyobavuza labo abenze njalo. (Heberu 11:6, NW) Futhi, kumelwe sisondele kuJehova ngoJesu Kristu kuphela. (Johane 14:6, 14)—1/15, amakhasi 4, 6.
◻ Kuyini “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu”? (1 Thimothewu 3:16, NW)
Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuyinhlonipho, ukukhulekela, nokukhonza uNkulunkulu, okuhambisana nokwethembeka ebukhosini bakhe bendawo yonke.—1/15, ikhasi 11.
◻ Ungubani “umuntu ongenamthetho” uPawulu akhuluma ngaye kweyesi-2 Thesalonika 2:3?
UPawulu akakhulumi ngomuntu oyedwa, ngoba uthi ‘lomuntu’ wayebonakala osukwini lwakhe futhi wayeyoqhubeka ekhona kuze kube yilapho uNkulunkulu embhubhisa ekupheleni kwalesimiso. Ngakho, inkulumo ethi “umuntu ongenamthetho” ingokomfanekiso. Ubufakazi bubonisa ukuthi uyindikimba ezidlayo nehahayo yabefundisi beLobukholwa, labo emakhulwini eminyaka edlule abaye bazenza umthetho bona ngokwabo.—2/1, ikhasi 11.
◻ Ukuhaha kungaqedwa kanjani?
Ukuhaha phakathi kwabantu kungaqedwa kuphela ngemfundo nokuqeqeshwa okufanele, kulandelwa iziqondiso, noma imithetho eqinile yokuziphatha. Imfundo enjalo kufanele ivele emthonjeni ongenakho ukuhaha. UNkulunkulu wezulu kuphela onganikeza loluhlobo lwemfundo, futhi lutholakala encwadini yakhe ebhaliwe, iBhayibheli Elingcwele.—2/15, ikhasi 5.
◻ Ukuze isifundo seBhayibheli somuntu siqu siphumele ekubeni nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, kufanele sihlanganiseni?
Injongo yesifundo somuntu siqu ayinakuba nje ukuhlanganisa amakhasi anokwaziswa futhi kanjalo kugcwaliswe ingqondo ngakho. Kunalokho, lapho ingxenye ethile yeZwi likaNkulunkulu ifundwa, kufanele kuthathwe isikhathi kucatshangwa ngalokho kwaziswa ukuze kubonakale ukuthi ifundisani ngezimfanelo zikaJehova nangezindlela umfundi angafana ngazo noJehova ngokwengeziwe kulezizici.—3/1, ikhasi 13.
◻ Kungani isifundo seBhayibheli somuntu siqu kufanele sihlanganise ukufundwa kwasikhathi sonke kokulandisa kwamaVangeli ngoJesu?
Isibonelo sikaJesu sisisiza ukuba sihlakulele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. UJesu wayazi uYise kangcono ngaphezu kwanoma ubani, ngakho wayengazilingisa ngokuseduze kakhulu izindlela zikaJehova nezimfanelo zakhe. Ngakho, wasibekela isibonelo esiphelele sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. (Johane 1:18; 14:9; Roma 13:14)—3/1, ikhasi 19.
◻ Emfanekisweni kaJesu wamathalenta, kwakushiwoni ngokusebenzisa amathalenta? (Mathewu 25:19-23)
Ukusebenzisa amathalenta kwakusho ukusebenza ngokwethembeka njengamanxusa kaNkulunkulu, ukwenza abafundi, nokwaba amaqiniso angokomoya kwabendlu kaNkulunkulu. (Mathewu 24:45; 28:19, 20; 2 Korinte 5:20)—3/15, ikhasi 13.
◻ Kungaziphi izici ezintathu iBhayibheli eliyingqayizivele ngazo uma liqhathaniswa nayo yonke eminye imithombo yezeluleko?
Okokuqala, iseluleko salo sihlala sizuzisa. (IHubo 93:5) Okwesibili, iBhayibheli sekuyisikhathi eside likhona. (Isaya 40:8; 1 Petru 1:25) Okwesithathu, izeluleko zeBhayibheli eziningi ezihlukahlukene azinakuqhathaniswa. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nayiphi inkinga noma nasiphi isinqumo, eBhayibhelini kunokuhlakanipha okungasisiza.—4/1, ikhasi 13.
◻ Yiziphi izici ezimbili eziwubufakazi obubonisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, hhayi lomuntu?
Ukuhlakanipha kweBhayibheli okungenakuqhathaniswa namandla alo okushintsha abantu. (IzAga 2:1, 5, 6; Heberu 4:12)—4/1, ikhasi 21.