Iphupho Lokuthula Kwezwe—Umbono Onephutha
UKUBA NOMBONO OQONDILE ngamathemba okuthula kwezwe kuyaphakama. Engxenyeni yakhe kuyiToronto Star, uCarol Goar wabhala: “Izivumelwano zokuthula ziyanda ukusuka eAfghanistan kuya eAngola. Izimpi zezifunda ezazibonakala zingalawuleki ezinyangeni ezimbalwa ezidlule zibonisa izimpawu zokuphela. Futhi eZizweni Ezihlangene kwenzeka izinguquko ezikhuthazayo.” UGoar uthi, lokhu kuye kwaqalisa “umqedazwe wethemba wembulunga yonke.” Isihloko somhleli kuyiUSA Today ngokufanayo samemezela: “Ukuthula kuvumbuka emhlabeni wonke.”
Obekuphawuleka ngokukhethekile muva nje yilokho iUN Chronicle eyakuchaza ngokuthi “ukubuyisana okuqhubekayo phakathi kweSoviet Union neUnited States.” Ukuhoxiswa kwamabutho, izenzakalo ezishaqisayo eMpumalanga Yurophu, izinkulumo zokuncishiswa kwamabutho nezikhali—lezizinyathelo ziye zenza abantu baba namathemba okuthi imibuso enamandla ingase ekugcineni ipheze umncintiswano wezikhali. Ezweni lapho kubikwa khona ukuthi ukusaphaza kwezempi kusenga umnotho amaRandi angaphezu kwezigidi eziyizigidi ezingu-2,2 ngonyaka, leli ithemba elamukelwa ngenjabulo enkulu.
Nakuba kunjalo, kungenzeka kangakanani ukuba iphupho lomuntu lokuthula kwezwe libe ngokoqobo? Ngisho nabaphawuli abanombono oqonde kakhulu bayavuma ukuthi kuyibanga elide ukugxuma kusukwa ekunciphiseni izikhali kuyiwa ekuziqedeni. Ukuqedwa kwezikhali zenuzi kungadinga izinga lokwethembana elingakaze libonwe. Nokho, ngokudabukisayo, imibuso enamandla inomlando omude wokungathembani. Njengoba kuprofethwe eBhayibhelini, lena kuye kwaba yinkathi lapho abantu abaye baba khona “abaphuli bezivumelwano zokungalwi.”—2 Thimothewu 3:3, King James Version.
Ngaphandle kwalokho, akubona bonke abaqinisekayo ngokuthi ukuqedwa kwezikhali zenuzi kuyoletha ukuthula. Ngisho noma izizwe bezingase zincengelwe ukuba zibhubhise izinqolobane zazo zezikhali zenuzi, izikhali ezivamile zisengabulala ngokuphumelelayo impela. IMpi Yezwe I neyesi-II zinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda baleliqiniso. Ngaphezu kwalokho, ubuchwepheshe obudingekayo bokuzenza kabusha izikhali zenuzi bebusazoba khona—bulungele futhi bulindele uphawu lokuqala lwezingxabano zezombangazwe. Abanye, njengososayensi wezombangazwe uRichard Ned Lebow, baze ngisho baphikise: “Ngokunokwenzeka ukugcina izikhali zenuzi ezimbalwa zikhona kugcina abantu bexwayile.”
Kodwa uma nje izikhali zenuzi zisekhona, umcabango wokuqothula kwenuzi uyokwenza noma ikuphi ukuzuza ukuthula kokuzisholo kube inhlekisa; kuyoba njalo nangokuqhubeka kwezinkinga ezingezona ezempi eziphanga izigidi ukuthula ekuphileni kwazo kwansuku zonke. Unobhala-jikelele weUN uJavier Pérez de Cuéllar wakhuluma “ngesimo esibuhlungu sezigidi zezakhamuzi esikanye nazo ezingenamakhaya noma ezihlala ezimweni zokukhosela ezingezinhle neze. Lenkinga iya ngokuya iba yimbi.” IUN Chronicle ibika nokuthi isimo esiphansi sezomnotho sihlasele “izingxenye ezimbili kwezintathu zesintu, kwezinye izimo ngamazinga obumpofu nokulamba okungahlukile ekuhluphekeni okubangelwa yimpi.” Futhi kuthiwani ngesimo sababaleki abalinganiselwa ezigidini ezingu-12 emhlabeni? Ingabe ukuncishiswa kwezikhali noma ngisho nokuqedwa kwazo ngokuphelele kuyoletha ukuthula ekuphileni kwabo?
Ngokucacile, iphupho lomuntu lokuthula kwezwe liwumbono onephutha—omfushane, ovalekile, nolinganiselwe. Ingabe likhona ithemba elingcono lokuthula? Ngempela likhona. Kumagazini owandulela lona, sabona ukuthi iBhayibheli linikeza ithemba eliqinisekile lokuthula.a Ngokushesha uJesu Kristu, njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzoletha ukuthula okukwedlula kude noma ikuphi okulindelwe abantu. Kodwa lokhu kuthula kuyosho ukuthini ngempela ngesintu? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalokhu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ubani Oyoholela Isintu Ekuthuleni?” kumagazini wethu ka-April 1, 1990.