Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 3/15 k. 32
  • Lapho UDeveli Avela Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho UDeveli Avela Khona
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 3/15 k. 32

Lapho UDeveli Avela Khona

“Umsebenzi wami ngokuyinhloko uwukugcina izingane ziboshwe ngamabhande asezihlaIweni nokuzigcina zithulile,” kuchaza owesifazane osemusha obambe itoho njengomnakekeli wezingane ebhasini lesikole eNingizimu Dakota. Uyalandisa:

“Omunye wabafana ungishikilisa ngokukhethekile. Cabanga nje, uneminyaka eyisithupha kuphela ubudala, kodwa okuphuma emlonyeni wakhe kuyashaqisa. Kuye kwadingeka ukuba ngimthathe ngimhlalise phansi ngokoqobo futhi ngihlale ngimvale umlomo ngesandla ukuze ngimgcine ethulile. Uye wakhahlela, waklwebha, wancinza, wathuka, wamemeza. Ngosuku olubi, udinga ukuba kuhlalwe phezu kwakhe ukuze agcinwe esesihlalweni sakhe.

“ULwesihlanu lwaluwusuku olubi, futhi cishe ngesikhathi ngindikindiki kusukela emahlombe kwehle, wabuza: ‘Kungani uNkulunkulu enza uDeveli?’ Kwakunencwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ebhasini. Ngamtshela ukuthi lencwadi yayizomsiza ukuba abone ukuthi uDeveli wavelaphi. Ungakukholelwa yini ukuthi sesifunde naye izindaba ezingu-41? Ngacishe ngayiduba lengane, kodwa isimo sayo sengqondo sishintshe kwaze kwaba sephuzwini lokuthi ayifuni ukwehla ebhasini lapho sifika esikoleni. Ifuna ukufunda izindaba ezengeziwe!”

Ukufundwa kwalencwadi ephawulekayo kuye kwaveza imiphumela efanayo kwenye intsha eningi. Ungazitholela ikhophi yalencwadi enamakhasi angu-256 enemifanekiso emihle, namagama amakhulu ngokugcwalisa bese uthumela isigqebhezana esingezansi kanye no-R7,50.

Sizani ningithumelele ngeposi incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngifaka u-R7,50.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela