Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 3/1 k. 31
  • Ukuthola Injabulo—Kodwa Kuphi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Injabulo—Kodwa Kuphi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 3/1 k. 31

Ukuthola Injabulo—Kodwa Kuphi?

UJESU wathi: “Bayajabula abakhathalela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3, NW) Intombazanyana eqotho yaseMpumalanga ePhakathi yayikhathalela isidingo sayo esingokomoya futhi yayifuna ukuthokozisa uNkulunkulu. Ekugcineni, yayithola injabulo—kodwa kuphi? Sizoshiyela kuyo isichazele.

“Ngakhuliswa emkhayeni wamaKatolika angabalandeli bakaMaro ayishisekelayo inkolo. Thina bantwana sasifundiswe ukuba sithandaze ngaphambi kwezithombe eziqoshiwe njalo ebusuku, futhi kusukela ebuntwaneni nganginesifiso sokukhonza uNkulunkulu.

“Lapho ngineminyaka engu-17, ngaya esigodlweni ukuze ngibe indela, ngicabanga ukuthi lokhu kuzoba indlela yokwanelisa isifiso sami. Nokho, ngabona izinto eziningi phakathi kwezindela ezangikhathaza. Zazihlebana. Abafundi babenganikwa ukudla okwanele, kanti izindela zazidla ukudla okungcono kakhulu. Futhi kwakukhona imikhuba emibi yokuziphatha phakathi kwezindela nompristi. Ngiphoxeke kabuhlungu, ngasishiya isigodlo sezindela emva kwezinyanga eziyisishagalolunye futhi ngaphindela ekhaya.

“Ngangisenemibuzo eminingi eyayingaphendulwanga, futhi lapho ngingazitholi izimpendulo ezanelisayo kuyona, ngafinyelela ephuzwini lokuba ngingazikhathazi ngenkolo. Kwathi ngo-1982, lapho ngineminyaka engu-22, umfowethu nodadewethu abangokwenyama bafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Mina nabazali bami sabaphikisa. Umfowethu wabekezelela ukushushiswa okukhulu, ukushaywa, kanye nokuboshwa ngenxa yokholo lwakhe olusha. Nokho, okwangihlaba umxhwele kwakuyizinguquko ezinkulu ayezenza ekuphileni kwakhe. Ngaphezu kwalokho, wanikeza izimpendulo ezingokweBhayibheli ezinengqondo emibuzweni engase nginesikhathi eside ngiyibuza. Ngakho ngaqala ukuzifundela iBhayibheli ngokwami ngasese ebusuku.

“Ngolunye usuku ngaya ukuyobona umhlangano woFakazi BakaJehova. Ngahlabeka umxhwele ngothando olwabonakaliswa lapho. Wawungekho umehluko phakathi kwabacebile nabampofu. OFakazi baphila ngokuvumelana nalokho abakufundisayo. Ngakholwa ukuthi babeneqiniso.

“Ngemva nje komhlangano, ngacela omunye wabo ukuba afunde nami. Ngamtshela ukuthi ngangifuna ukufunda nje, hhayi ukuya emihlanganweni noma ukuyoshumayela. Nokho, ngokushesha ngabona ukuthi ngangifunda iqiniso. Ngathandaza futhi nganquma ukukhonza uJehova. Ngo-October 28, 1983 umfowethu, udadewethu, kanye nami sabhapathizwa. Manje ngase ngiyitholile indlela yokwanelisa isifiso sokukhonza uNkulunkulu enganginaso kusukela ebuntwaneni.

“Ezinyangeni ezimbili ngemva kokubhapathizwa, ngaqalisa ubuphayona obusizayo, futhi ezinyangeni eziyisishiyagalombili kamuva ngaba iphayona elivamile. Onyakeni nengxenye kamuva, ngamenyelwa ukuyokhonza egatsheni loFakazi BakaJehova, elaziwa ngokuthi iBethel, lapho engakhonza khona njengelungu lesikhashana iminyaka emibili. Ngajatshuliswa ukuthobeka okwakubonakaliswa yibo bonke. Abazalwane abathembekile ngempela babehlanganyela ngisho nasemsebenzini wokugeza izitsha ngemva kokudla kwakusihlwa.

“NgoMarch 14, 1988 ngaba ilungu eligcwele lomkhaya waseBethel. Yeka isenzakalo esijabulisayo! Yebo, ngayithola injabulo. Kuphi? Phakathi koFakazi BakaJehova abazinikezele! Manje ngizizwa njengomhubi owathi: ‘Usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane.’”—IHubo 84:10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela