‘Angikaze Ngijabule Ukwedlula Manje’
Washo kanjalo owesifazane owayesebenzise iseluleko esinikezwe encwadini ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Wayenezinkinga zomshado futhi waqala ukuxoxa ngazo nowesifazane owayenakekela indlu yakhe. Lowo wesifazane onakekela indlu wabhala:
“Noma yisiphi iseluleko engangimnikeza sona sasiphuma khona kanye encwadini. Ekugcineni ngamtshela ukuthi nganginencwadi angase ayithole ithakazelisa. Ngachaza indlela eyangisiza ngayo nokuthi yayinokuningi okunengqondo okuvela eBhayibhelini. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngakhuluma naye ocingweni futhi wangitshela ukuthi yena nomyeni wakhe babeyifundile futhi banquma ukuphathana kangcono.
“Namuhla kusihlwa uphinde wangishayela ucingo ukuze angitshele ukuthi, phakathi kokunye, ukuphila kwabo akukaze kube okujabulisa ngokwengeziwe kunamanje. Bayifundile lencwadi ndawonye, bahlola eBhayibhelini, futhi basebenzisa izimiso ezikuyo.”
Uma ufisela usizo ekwenzeni umshado wakho ube ojabula ngokwengeziwe, ungazuza kulencwadi. Zitholele eyakho ngokugcwalisa bese uthumela isigqebhezana esingezansi.
Sizani ningithumelele ngeposi incwadi enoqwembe oluqinile, enamakhasi ayi-192 ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Ngifaka u-R2,50.