IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
“Lencwadi [enesihloko esiboniswe ngenhla] ilubonisa ngendlela enhle kakhulu uthando nokukhathalela okujulile uMdali wethu anakho ngabo bonke abantu bakhe,” kubhala umfundi onokwazisa waseWashington State. “Ngempela kuqinisa ukholo futhi kuyaqabula ukufunda igama ngalinye.”
Lomfundi onokwazisa uyenezela: “Ukuhlelwa kwesahluko ngasinye kuhlaba umxhwele. Ngiyakwazisa ukubhalwa ngokugqamile kwevesi ngalinye elikhulunyelwayo, kanye nemifanekiso nezithombe ezinhle. Angikwazi ukuwuchaza umuzwa engiba nawo njengoba ngifunda. Kaningi iye yangibangela izinyembezi.”
Sinomuzwa wokuthi nawe futhi uyohlatshwa umxhwele ukuchazwa okucacile, okunengqondo kwezilo, udrako, isifebe esikhulu, nabanye abalingiswa abangokomfanekiso besAmbulo. Uyobona ukuthi zisho ukuthini osukwini lwethu. Lencwadi ekhangayo enoqwembe oluqinile, enamakhasi alingana nawalomagazini, icabangela ivesi ngalinye layo yonke incwadi yeBhayibheli yesAmbulo. Yiode namuhla. Ingu-R7,50 kuphela, iposi likhokhelwe.
Sizani ningithumelele incwadi enamakhasi angama-32
ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze Ngifaka u-R7,50.