Imikhuba Yobulili Enyanyekayo—Eyasendulo Neyanamuhla
KWAKWENYANYEKA kangakanani ukukhulekelwa kukaMoloki, omunye wonkulunkulu bakwaMowabi? UPaolo Mantegazza encwadini yakhe ethi The Sexual Relations of Mankind ubhala ukuthi abakwaMowabi ezikhathini zeBhayibheli babenza izenzo zobulili eziyihlazo “ngamaqembu, njengoba babesina bezungeza isithombe sikaMoloki esikhazimulayo, ngemva kokuba imilomo yethusi eyisikhombisa yalonkulunkulu isishwabadele iminikelo yabathembekile, iminikelo eyayiyimpuphu, amajuba, amazinyane ezimvu, izinqama, amathole, izinkunzi, nabafanyana.” Uyanezela: “Noma ubani oye wafunda iBhayibheli kumelwe ukuba uyayikhumbula indlela uMose awaqalekisa kanzima ngayo lawomaHeberu ayefeba noMoloki. UBaal-Phegor noma uBelphegor [uBali-Peyori], owayengunkulunkulu othandwa kakhulu ngabakwaM[i]diyani, wamukelwa ngentshiseko yobuhlanya amaJuda, futhi ukukhulekelwa kwakhe kwakuyihlazo ngokufanayo nemikhuba kaMoloki.”—Levitikusi 18:21, New World Translation Reference Bible, umbhalo waphansi; 20:2-5; Numeri 25:1-5; Jeremiya 32:35.
“Intshiseko yobuhlanya” yalawomaJuda namuhla ifana “nokuziphatha okusha” okwavela, ikakhulukazi eUnited States nakwamanye amazwe eLobukholwa, ngawo-1960.
Lapho behlaziya imiphumela ehlala isikhathi eside yaleyonguquko yobulili, oDkt. Alexandra noVernon H. Mark, abalobi ababambisene bencwadi iPied Pipers of Sex, baveza imibono yabo engxenyeni ethi “Speaking Out” yeMedical World News, eHouston, eTexas, eU.S.A. Ngo-1985 babhala:
“Eminyakeni engama-25 edlule, umphakathi uye wabona inguquko enkulu emikhubeni yobulili. . . . Lokhu kugumbuqelwa kokuziphatha kwesiko kuye kwabizwa ngokuthi inguquko yobulili.” Ngemva kokuzibala ngamagama izazi zezokwelapha ezabangela lolushintsho esimweni sengqondo ngobulili, labalobi bathi: “Ngokungafani nalokho ngamunye aye wakuphonsa esivivaneni, [labodokotela] baye baba nethonya elimangalisayo emphakathini nakuzo zonke izimiso zawo. Kunokuba sibakwelete ukubonga labalawuli bobulili, kudingeka sinciphise ithonya labo ngokuthuthukisa isimo esinengqondo nesilinganiselwe ngokuqondene nokuziphatha kobulili nokuvikelwa kwempilo yomphakathi.
“Ukudedelwa kwenguquko yobulili ngamandla ayo onke akuvezanga zinzuzo ezitheni ezweni lilonke—ngaphandle uma sicabangela inzuzo engokwemali. Kodwa ngokugcizelela kwayo ubulili njengendlela yokuzijabulisa nomdlalo onezibukeli, lenguquko iye yaveza intilibathwa yezinkinga ezisisongelayo nesiphithiphithi sezenhlalo—ngokwesibonelo izifo zokubhajwa. I-VD ayisona isifo esisha, kodwa manje isiyisishayo, ibangela izinhlobo ezintsha zamagciwane angavamile anjengamavirus. Isifo sokuqubuka kwezitho zobulili, esingelapheki kubantu abadala, siye sabangela ukufa kwezinsana zibulawa ubuhlungu obusebuchosheni nasolwelwesini lwabo (meningoencephalitis). Ingculaza . . . iye yafinyelela emikhubeni eyandile yomphakathi wethu nasegazini lezisulu ezingenacala idluliselwa ngegazi elingcolile lonikelayo.”
Labalobi bafinyelela kulesiphetho: “Ubufakazi obukhulayo obubalahla ngecala abaholi benguquko yobulili buyashaqisa. Bathembisa injabulo, inkululeko, nempilo enhle. Baye baletha usizi, izifo, ngisho nokufa.” IBhayibheli likwenza kucace ukuthi abaholi abanjalo bami kuphi. Ngokwesibonelo, eyoku-1 Korinte 6:9, 10 ithi: “Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—Bheka futhi noJuda 7.