Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 7/15 k. 32
  • Lithini iBhayibheli Ngokukhishwa Kwezisu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini iBhayibheli Ngokukhishwa Kwezisu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 7/15 k. 32

Lithini iBhayibheli Ngokukhishwa Kwezisu?

Yilokho umbhangqwana waseArgentina owakubuza owesifazane owayewuvakashele, njengoba wawazi ukuthi wayejwayelene neBhayibheli. Lombhangqwana wawufuna ukwazi ukuthi uNkulunkulu ukubheka njengokufanele yini ukukhipha isisu. Kwase kuyizinyanga ezimbili lenkosikazi ikhulelwe futhi yayicabanga ukusikhipha isisu, ngisho noma umyeni wayo ayengavumi.

Owesifazane owayevakashele lombhangqwana wakhipha ikhophi yencwadi Ukubonisana NgemiBhalo wavula ekhasini 296. Wafunda incazelo yokukhipha isisu wayesethi lombhangqwana mawufunde imiBhalo ehlelwe kulencwadi, ebonisa indlela uNkulunkulu abheka ngayo umntwana ongakazalwa. Ezinyangeni eziyisikhombisa kamuva umntwana wazalwa. Phakathi nalesikhathi, labazali abaziqhenyayo baba abafundi beBhayibheli.

Ungathola ikhophi yakho siqu yalencwadi yeBhayibheli ewusizo eyonikeza izimpendulo zamakhulu emibuzo efike ngesikhathi.

Sizani nithumele incwadi enamakhasi angama-448 enoqwembe oluqinile ethi Ukubonisana NgemiBhalo, iposi likhokhelwe. Ngifaka u-R3,75.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela