Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 6/1 k. 32
  • Kwakudingeka Azi Nakanjani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwakudingeka Azi Nakanjani
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 6/1 k. 32

Kwakudingeka Azi Nakanjani

Intombazane yaseMobile, eAlabama eneminyaka eyi-15 ubudala, iyabhala: “Lapho nikhipha incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngangazi ukuthi ngiyoyifunda noma nini.

“Ngobunye ubusuku ngingalele kahle, ngathatha lencwadi ngabuka nje imifanekiso. Emakhasini 75, 78, no86, ngathola imifanekiso eyangikhanga. Angazanga ukuthi yayisho ukuthini, futhi kwakudingeka ngazi nakanjani. Ngangingenakuqala nje phakathi nendawo ngoba akukho engangizokuqonda. Ngakho-ke ngabo lobobusuku ngafunda isahluko sokuqala.

“Ngobusuku obulandelayo ngafunda isahluko esilandelayo futhi ngathola ukuthi akuvumi ukuba ngiyibeke. Ngakho-ke ngaqhubeka ngafunda nesilandelayo.

“Lena ingenye yezincwadi ezivusa amadlingozi kakhulu engake ngazifunda! Manje nginomkhuba wansuku zonke wokufunda okungenani isahluko esisodwa ngobusuku. Ngezinye izikhathi angilali kuze kube ihora lokuqala ekuseni ngilokhu ngifunda nje! . . . Ngifisa sengathi yonke intsha ingayifunda lencwadi.”

Siyaqiniseka ukuthi nawe uyozijabulela izinto ozozifunda encwadini IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Lencwadi enoqwembe oluqinile inamakhasi alingana nawalomagazini ngobukhulu. Inikeza ukucatshangelwa kwevesi ngalinye kwayo yonke incwadi yeBhayibheli yesAmbulo kanye nencazelo ekhanyayo yemibono eminingi nemifanekiso. Cela ukuba uthunyelelwe lencwadi namuhla. Iwu-R6 kuphela.

Sizani ningithumelele incwadi enamakhasi angama-320 ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Ngifaka u-R6. (R.S.A.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela