Imifanekiso Evela EZweni Lesithembiso
IJerusalema—Isikhungo Sezenzakalo EzingokweBhayibheli
NAKUBA izizwe eziningi zinenhloko-dolobha, ewumuzi omkhulu onekomkhulu likahulumeni abafundi beBhayibheli bangase bacabange ngeJerusalema njengenhloko-dolobha yesintu. Lokhu kunjalo ngenxa yokuthi izinto ezinkulu ezenzeka lapho zibalulekile kithina sonke.
Phezulu, ungabona umbono obungaba nawo uma umi endaweni ephakeme eningizimu yeJerusalema.a Izigodi ezimbili zihlangana cishe endaweni enezihlahla eziluhlaza cwe. ISigodi saseKidroni sehla sivela ngakwesokudla; ohlangothini olungasentshonalanga, noma kwesobunxele yiSigodi sikaHinomu, esaqalisa igama elingokweBhayibheli elithi Gehena. (Mathewu 10:28; 23:33) Phakathi nendawo (okubonakala endaweni ekhanyiswe yilanga phambi kwezindonga ezisekhona) kulapho kwakwakhiwe khona uMuzi kaDavide wasendulo. Phakathi kwezindonga yizakhiwo ezimbili ezihlukile zamaSulumane ezakhiwe endaweni engokomlando. Eduze kakhulu kodonga isiqongo esiyindilinga sesakhiwo sokukhulekela samaSulumane esinombala oluhlaza ngokusasiliva, futhi ngemva yisakhiwo esisagolide phezu kweSiqongo seDwala esiyindilinga.
Kodwa kungani iJerusalema, futhi ikakhulukazi indawo eyithafa lapho manje kumi khona izakhiwo ezineziqongo ezimbili ezisandilinga, kumelwe libaluleke kuwe? Nokho, yikuphi ukulandisa okungokweBhayibheli lomfanekiso wenqama ebhajwe esihlahleni okukhumbuza khona? Ngokunokwenzeka yilokho kuka-Abrahama. Yebo, uyena owaya nendodana yakhe ulsaka eNtabeni yaseMoriya, leyo ngokusobala eyayiseduze noma eyayisendaweni ephakeme enamadwala lapho ubona khona iziqongo ezimbili ezisandilinga. Ngokholo, uAbrahama wayezimisele ukunikela ngendodana yakhe ethandekayo,kodwa ingelosi yabamba isandla sakhe. Khona-ke uAbrahama wathola ‘inqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo’ wayenza umhlatshelo “esikhundleni sendodana yakhe.” Ngakho ukubheka iJerusalema kungasikhumbuza lesisenzakalo esivusa amadlingozi.—Genesise 22:1-13.
Eminye iminikelo yavelela kamuva lapho uSolomoni akhela uJehova ithempeli elikhulu endaweni eyithafa lapho manje kukhona izakhiwo ezineziqongo ezisandilinga. (2 IziKronike 3:1) Zama ukucabanga ngamaIsrayeli efika lapha evela kuzo zonke izingxenye zezwe nemihlatshelo yawo yezilwane ayeyenza emikhosini yaminyaka yonke. Umkhosi obaluleke kunayo yonke eminye kwakuwuSuku Lokubuyisana. Ngalolosuku, kwakukhethwa imbuzi eyodwa futhi ithunyelwe “kuAzazeli iye ehlane,” ngokunokwenzeka yehlele eSigodini saseKidroni bese iqonda eningizimu-mpumalanga ehlane laseJudiya. Kwakuhlatshwa enye imbuzi nenkunzi futhi igazi lazo lisetshenziswe emhlatshelweni wokwenzela abapristi nabantu ukubuyisana. Elinye igazi lalize liyiswe ngisho nangale kwesihenqo eNgcwelengcwele yethempeli. Ngakho ungabheka umfanekiso womuzi unalokho engqondweni.—Levitikusi 16:1-34.
Yonke lemihlatshelo eJerusalema yayikhomba phambili emhlatshelweni ophelele kaJesu Kristu. Ngobusuku bakhe bokugcina emhlabeni, cishe okwakuyisikhathi senyanga egcwele, uJesu wahlangana nabaphostoli bakhe ukuba bagubhe iPhasika lokugcina elibalulekile. Lokhu kwakusekamelweni elingenhla okucatshangwa ukuthi lalisengxenyeni ephakeme yomuzi engxenyeni engakwesobunxele (entshonalanga) yendawo yethempeli. Ngemva kokuba uJesu emise iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, waya nabaphostoli bakhe eNtabeni yemiNqumo, engaseSigodini saseKidroni, ngasempumalanga (kwesokudla) yethempeli.—Luka 22:14-39.
Ukuze sikusize ube nombono walokhu, bheka isithombe esingezansi, esathathwa kubhekwe ngasempumalanga phakathi eJerusalema, ngokunokwenzeka endaweni lapho uJesu enzela khona iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ukulendawo, ungabona engxenyeni engaphansana ngakwesokubunxele isiqongo esisandilinga (esicishe sibe luhlaza uma kukhanyise inyanga) sesakhiwo samaSulumane sokukhulekela endaweni okwakhiwe kuyo ithempeli. Empumalanga impela yiSigodi saseKidroni (lapho kusitheke khona) bese kuba yizihlahla zeNsimu yaseGetsemane. Phezulu ngakwesokudla yiNtaba yemiNqumo.
Inyanga iyoba ecishe igcwale ngoMarch 22, 1989, lapho amabandla oFakazi BakaJehova kuyo yonke imbulunga eyohlangana (kusihlwa) ukuba abe seSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, ekhumbula ukufa kukaJesu komhlatshelo.b Siza uhlele ukuba ube khona. Ngalolosuku, ungase futhi ufune ukuzindla ngezinye izenzakalo zesikhathi esidlule ezigxile eJerusalema namaphethelo alo maqondana nokuthulula kukaJesu umphefumulo wakhe ekufeni. Ngakho-ke uJesu walwela ukulunga kukaJehova futhi wahlenga isintu esikholwayo esonweni nasekufeni.—1 Korinte 11:23-26; Heberu 9:11-28.
[Imibhalo yaphansi]
a Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1989 linawo lomfanekiso kodwa omkhudlwana kunalona.
b Bheka iThe Watchtower, kaJune 15, 1977, amakhasi 383, ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngokuqondene nokubalwa kwesikhathi sokugujwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 16]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.