Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 2/1 k. 32
  • Lapho UDeveli Avela Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho UDeveli Avela Khona
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 2/1 k. 32

Lapho UDeveli Avela Khona

“Umsebenzi wami ngokuyinhloko uwukugcina izingane ziboshiwe ngamabhande asezihlalweni nokuzigcina zithulile,” kuchaza owesifazane osemusha obambe itoho njengomnakekeli wezingane ebhasini lesikole eNingizimu Dakota. Uyalandisa:

“Omunye wabafana ungishikilisa ngokukhethekile. Cabanga nje, uneminyaka eyisithupha kuphela ubudala, kodwa okuphuma emlonyeni wakhe kungenza netilosi libe namahloni. Kuye kwadingeka ukuba ngimthathe ngimhlalise phansi ngokoqobo futhi ngihlale ngimvale umlomo ngesandla ukuze ngimgcine ethulile. Uye wakhahlela, waklwebha, wancinza, wethuka, wamemeza. Ngosuku olubi, udinga ukuba kuhlalwe phezu kwakhe ukuze agcinwe esesihlalweni sakhe.

“ULwesihlanu lwaluwusuku olubi, futhi cishe ngesikhathi ngindikindiki kusukela emahlombe kwehle, wabuza: ‘Kungani uNkulunkulu enza uDeveli?’ Kwakunencwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ebhasini. Ngamtshela ukuthi lencwadi yayizomsiza ukuba abone ukuthi uDeveli wayevelaphi. Ungakukholelwa yini ukuthi sesifunde ndawonye izindaba ezingama-41? Ngacishe ngayiduba lengane, kodwa isimo sayo sengqondo sishintshe kwaze kwaba sephuzwini lokuthi ayifuni ukwehla ebhasini lapho sifika esikoleni. Ifuna ukufunda izindaba ezengeziwe!”

Ukufundwa kwalencwadi ephawulekayo kuye kwaveza imiphumela efanayo kwenye intsha eningi. Ungazitholela ikhophi yalencwadi enamakhasi ayi-256 enemifanekiso emihle, namagama amakhulu ngokugcwalisa bese uthumela ikhuphoni elingezansi kanye no-R-6.

Sizani nithumele ngeposi incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngifaka u-R-6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela