Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 11/1 k. 7
  • Ukukhuthazela Kwendoda Kuhlanganisa Umkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuthazela Kwendoda Kuhlanganisa Umkhaya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uthando Luhlanganisa Imikhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukuzimisela Ukukhonza UJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bachitha Imishado?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ningaba Umndeni Ojabulayo
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 11/1 k. 7

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukukhuthazela Kwendoda Kuhlanganisa Umkhaya

UBUNGENZANI uma wawamukele iqiniso wase uphikiswa kabuhlungu umlingane wakho futhi enza konke okusemandleni akhe ukuze aphule ubuqotho bakho? Ubungaqiniswa amazwi kaPawulu kweyesi-2 Thimothewu 3:12, lapho ethi: “Bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa”? Ingabe ubungabekezela noma ubuyoyeka? Indoda engumKristu eltaly yabhekana nenselele enjalo. Ayizange iyeke, futhi uJehova wayibusisa ngalokho.

Indoda esibhekisele kuyo yayikade ingumkhomanisi oshisekayo, kodwa futhi ingumKatolika oshisekayo. Yayikholelwa ekulinganeni kwabantu futhi inomuzwa wokuthi lezinhlangano zombili zazifundisa lomqondo. Omunye wabasebenza nayo wakhuluma nayo ngoMbuso kaNkulunkulu, futhi yaphawula ngaso lesosikhathi ukuthi ngempela lena kwakuwukuphela kwendlela ukulingana okungafinyelelwa ngayo. Yathatha amaqiniso ngentshiseko efanayo naleyo eyayiyibonisile ngobukhomanisi nangobuKatolika futhi yabhapathizwa ngo-1972. Kuthiwani ngomkayo? Wayiphikisa kabuhlungu. Uyalandisa:

“Kwakungo-1970 lapho umyeni wami athintana okokuqala noFakazi BakaJehova lapho esebenza khona. Kancane kancane, njengoba efunda iBhayibheli, ngaqaphela ukuthi kwakuyinkolo entsha futhi inamaphuzu engangingavumelani nawo. Ngokushesha, mina namanye amalungu omkhaya saqala ukumshushisa.”

Uyaqhubeka: “Abazali bomyeni wami bamhlasela, benza konke ababengakwenza ukuze bamyekise. Njengoba umyeni wami ethuthuka ngolwazi lweBhayibheli, wabona isidingo sokususa zonke izithombe ezikhulekelwayo emzini wethu. Ngamtshela ukuthi uma enza lokho, kwakuyokwenzeka okuthile okukhulu. Wabhubhisa isithombe senkolo, ngase ngilwa naye kakhulu ngamazwi nangokoqobo futhi ngadabula omagazini bakhe abaningana. Njengoba ngangiklabalasa, abazali bakhe nabo bangenela futhi balwa naye, kodwa akazange aphindisele.

“Ukungezwani kwaqhubeka kwaze kwaba yilapho ngimshiya ngoba engafuni ukuba indodakazi yethu ihlanganyele ekilasini lekhathekizimu esontweni. Umyeni wami wangitshela ukuthi uma ngingabuyi ekhaya, uyongibeka icala ngokusemthethweni lokubaleka. Ngemva kwesonto nganquma ukubuya.

“Emzamweni oqhubekayo wokumyekisa, ngaya esangomeni ngacela ukuba simphonse. Isangoma saqala ukungibuza futhi ngasichazela isimo. Sesisizwile, sangitshela ukuthi alukho uhlobo lwesiphonso oluphumelelayo kunoma imuphi uFakazi kaJehova.

“Sacabanga ukuya kumpristi wendawo. Umpristi waseluleka ukuba siye kummeli, Okwangimangaza ukuthi ummeli wangikhuthazela ukuba ngiye emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nomyeni wami. Ubabezala wami, owayekanye nami, wenqaba, wathi umkhaya wakhe wawuzinikele kakhulu kuSan Rocco, ‘UMvikeli’ wedolobha lethu. Nokho, ummeli wachaza ukuthi losanta,’ njengazo zonke ezinye izithombe ezikhulekelwayo, wayengowamanga. Khona-ke wazichaza njengosihlalo woMzabalazo WobuKatolika, futhi wasitshela ukuthi wayengahlanganyeli nakancane emicimbini yenkolo, ngoba, njengoba ayefunde iBhayibheli wayazi ukuthi lemicimbi yayiyiphutha yonke. Ekuphetheni wathi: ‘Hamba nomyeni wakho nibe nokuthula. Mlalele, nawe futhi uqale ukufunda iBhayibheli.’

“Ngalesikhuthazo, ngacabanga ngokuziphatha, ushintsho, nokukhuthazela komyeni wami, futhi ngaqala ukuya naye emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngihlatshwe umxhwele uthando oluboniswa lapho, ngafundelwa, ngabhalisa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini, futhi ngaqala ukuya enkonzweni yasensimini. Ekugcineni, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami ngo-1977 futhi manje ngiyakujabulela ukuba seqinisweni, ngiyambonga uJehova owasiza umyeni wami ukuba akhuthazele futhi ahlanganisele wonke umkhaya ekukhulekelweni kwaKhe.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela