Ukubhekana Nezinkinga Zokuphila
Ngonyaka odlule indlu kathisha wesikole eBignona, eSenegal, yasha yawumlotha. Kamuva, igatsha leWatch Tower Society kulelozwe eliseNtshonalanga Afrika lathola lencwadi:
“Okungikhathaza kakhulu,” kuchaza uthisha wesikole, “ukuthi emlilweni ngilahlekelwe izincwadi ezibaluleke ngokungenakulinganiswa kimi. Izihloko zihlanganisa esithi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo nesithi Ingabe Lokhu-Kuphila Ukuphela Kwakho? Ngingaphila kahle ngaphandle kwezingubo zami nendlu yami, kodwa ngeke ngiphile ngaphandle kwalezozincwadi! Zibaluleke kakhulu kimi kunakho konke okungilahlekele. Ngiyanicela, sizani ningithinte ngokushesha ngangokunokwenzeka, futhi ningazise ukuthi ngingazithola kanjani ezinye ezinjengazo. Ukuphila kugcwele izinkinga,futhi sidinga ukwaziswa okunjalo ukuze sizixazulule futhi kusisize ukuba senze izinqumo ezilungile futhi siziphathe ngendlela efanele.”
Abaningi abanye bazizwa ngendlela efanayo ngalezincwadi ezimbili. Eqinisweni,amakhophi angaphezu kwezigidi ezingama-22 encwadi Ubusha Bakho namakhophi angaphezu kwezigidi ezingama-20 encwadi ethi, Ingabe Lokhu-Kuphila Ukuphela Kwakho? aye asakazwa ezweni kabanzi. Ungazitholela lezincwadi ezimbili ezibalulekile ngokugcwalisa bese uthumela lesigqebhezana kanye no-R4.
Sizani ningithumelele izincwadi ezimbili ezinoqwembe oluqinile, ezinamakhasi ayi-192 ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo nethi Ingabe Lokhu-Kuphila Ukuphela Kwakho? Ngifaka u-R4. Iposi likhokhelwe.