Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Inkinga Yefa
NGOKUSOBALA abantu bayazi ukuthi uJesu ubedla endlini yomFarisi. Ngakho bahlangana ngaphandle beyizinkulungwane futhi balindela ukuba uJesu aphume. Ngokungafani nabaFarisi abaphikisa uJesu futhi bazame ukuba bambambe ngokuthi usho okuthile okungalungile, abantu bamlalela ngentshiseko nangokwazisa.
Ephendukela kubafundi bakhe kuqala, uJesu uthi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.” Njengoba kuboniswe phakathi nokudla, sonke isimiso senkolo sabaFarisi sigcwele ubuzenzisi. Kodwa ngisho nakuba abaFarisi bengabusibekela ububi babo ngokubonisa isihe, ekugcineni buyodalulwa. “Akukho okusitshekelweyo,” kusho uJesu, “okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.”
UJesu uyaqhubeka ephinda isikhuthazo ayesinikeze abayi-12 lapho ebathuma ekuhambeleni kokushumayela kwaseGalile. Uthi: “Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.” Njengoba uNkulunkulu engawukhohlwa ngisho nomzwilili owodwa, uJesu uqinisekisa abalandeli bakhe ngokuthi uNkulunkulu ngeke abakhohlwe. Uthi: “Nxa beniqhubela emasinagogeni, nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, . . . uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngasona lesosikhathi okufanele nikukhulume.”
Enye indoda esesixukwini iyamemeza: “Mfundisi,” inxusa, “shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.” UMthetho kaMose unemfuneko yokuba izibulo lithole izingxenye ezimbili zefa, ngakho akufanele kube nesizathu sokuphikisana. Kodwa ngokusobala lendoda ifuna okungaphezu kwengxenye yayo engokomthetho yefa.
UJesu ukwenqaba ngokuqondile ukuzihilela. “Mngane, ubani ongimisé ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?” uyabuza. Khona-ke, unikeza isixuku leseluleko esibalulekile: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” Yebo, kungakhathaliseki ukuthi umuntu angaba nokungakanani, ngokuvamile uyofa abese ekushiya konke emuva. Ukuze agcizelele leliphuzu, futhi abonise ubuwula bokuhluleka ukuzakhela idumela elihle noNkulunkulu, uJesu usebenzisa umfanekiso. Uyachaza:
“Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle. Wazindla phakathi kwakhe, wathi: Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na? Wayesethi: Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami. Besengithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka eminingi; phumula, udle, uphuze, ujabule. Kepha uNkulunkulu wathi kuye: Wena-siwula, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?”
Ekuphetheni, uJesu uyaphawula: “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.” Nakuba abafundi kungenzeka bangabanjwa ugibe lobuwula bokuqongelela umcebo, bangaphazanyiswa kalula yiminako yokuphila yansuku zonke ekukhonzeni uJehova ngomphefumulo wonke. Ngakho uJesu usebenzisa lesenzakalo ukuba aphinde iseluleko esihle ayesinikezé cishe unyaka nengxenye ngaphambili eNtshumayelweni yaseNtabeni. Ephendukela kubafundi bakhe, uthi:
“Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. . . . Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; . . . Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. . . .
“Maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki. Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba; kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina.”
Amazwi kaJesu adinga ukucatshangelwa ngokunakekela ikakhulukazi phakathi nezikhathi zobunzima obungokomnotho. Umuntu okhathazeka ngokweqile ngezidingo zakhe zezinto ezibonakalayo abese eqala ukudebesela imigomo engokomoya, eqinisweni ubonisa ukuntula ukholo okuthile emandleni kaNkulunkulu okunakekela izikhonzi zaKhe. Luka 12:1-31; Duteronomi 21:17.
◆ Ngokunokwenzeka, kungani enye indoda ibuza ngefa, futhi isiphi iseluleko esinikezwa uJesu?
◆ UJesu usebenzisa muphi umfanekiso, futhi iliphi iphuzu olivezayo?
◆ Isiphi iseluleko esaphindwa uJesu, futhi kungani sasifanela lesenzakalo?