Ukuzalwa KukaJesu—Ingabe Kumane Nje Kuyinganekwane?
UKUZALWA kukaKristu! Kuthiwa kuyisisekelo somkhosi weLobukholwa waminyaka yonke omkhulu kunayo yonke. Nokho, ngokubhuqa abefundisi abaningi bachiliza izici eziningi zokulandisa kwamaVangeli ngokuzalwa kukaJesu njengezimane nje ziyinganekwane. Ngokwesibonelo, iThe Interpreter’s Bible ithi ngokulandisa kukaMathewu ngokuvakasha kwezazi zezinkanyezi, noma “abahlakaniphileyo”: “Ngakho-ke akukho ndlela yokuqinisekisa ukuthi kuye kwahlotshiswa, noma ngempela, kwake ‘kwenzeka’ yini njengendaba eyiqiniso. Ukubaluleka kokulandisa akuxhomekile ekushayeni kwakho emhloleni, kunalokho lendaba kumelwe icatshangwe njengewumsebenzi wobuciko.”
Abagxeki abanjalo ngokuvamile baphikisa ngokuthi ukulandisa kwamaVangeli ngokuzalwa kukaKristu kuntula kakhulu imininingwane ukuba kungabhekwa njengokungokomlando. Kodwa encwadini yakhe ethi The Life and Times of Jesus the Messiah, uAlfred Edersheim uyakuphikisa lokhu, ethi: “Kungagonyelwa ngokungesabi, ukuthi akukho ukulandisa okuNgathembekile noma okuyinganekwane kwesenzakalo (esiyinganekwane) esinjena okwakuyophawulwa ngokuntula okunjalo, noma ukungabibikho kwemininingwane. Ngoba, izici ezimbili ezibalulekile, zakho kokubili inganekwane nesiko, ziwukuthi, njalo zifuna ukudumisa izihlabani zazo, nokuthi zizama ukunikeza imininingwane, eqinisweni entulekayo.”
Nokho, kungani amaVangeli enikeza imininingwane embalwa kangaka ngokuphathelene nokuzalwa kukaJesu? Ngokuyinhloko kungenxa yokuthi ukufa kwakhe, hhayi ukuzalwa kwakhe, okubaluleke kakhulu. (Mathewu 20:28) UEdersheim uyaqhubeka esikhumbuza: “AmaVangeli ayengahloselwanga ukuba anikeze umlando wokuphila kukaJesu, noma anikeze ngisho nezici zakho; kodwa ayenalenhloso kuphela embaxa-mbili: ukuthi abawafundayo ‘bakholelwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu,’ nokuthi uma bekholwa ‘babengase babe nokuphila ngenxa yeGama laKhe.’”