Ingabe Umthandazo Uwufanele Umzamo?
NGOLWESIHLANU, ngoMay 31, 1985, uhide lweziphepho lwadabula engxenyeni engaseningizimu yaseOntario, eCanada. Umfundisi ohlala emzaneni omncane waseGrand Valley wabuka ngokudangala lapho umoya ovunguzayo ususa uphahla endlini yakhe. Njengoba kwabikwa ephephandabeni, ‘wabona izimangaliso nezinhlekelele zenzeka nhlangothi zonke njengoba ayebona intukuthelo yendalo engalawuleki.’
Ngokuqinisekile, abathandekayo nabangane babantu ababili ababulawa yiziphepho bazibheka njengenhlekelele esabekayo. Kwaba njalo ngabayinkulungwane noma ngaphezulu abashiywa yizivunguvungu ezibhubhisayo bengenamakhaya. Ngakolunye uhlangothi, abaningi balabo abasinda ngokulambisa ekufeni noma ekulimaleni okungathi sina bachaza ukusinda kwabo ‘njengesimangaliso.’ URon nasebenza naye babengababili balaba. Bafinyelela engxenyeni ephephile eqinile kunezinye yesakhiwo sabo sehhovisi ngesixwayiso nje semizuzwana emine. Ngemva kokuchaza ukusinda kwabo ekufeni okumangalisayo, uRon wathi: “Yebo, ngangikholelwa kuNkulunkulu ngaphambili futhi ngikholelwa ngokuqinisekile kuNkulunkulu manje.”
Kuye kwathiwa ngesikhathi sosizi oluzumayo, olungalindelekile, ‘kunabangakholelwa kuNkulunkulu abambalwa, uma bekhona.’ Futhi uma kunesikhathi esanele ezenzakalweni ezinjalo, kwenziwa imithandazo eminingi yentshiseko kucelwa isivikelo nokusindiswa.
Ngosuku lwangeSonto, ngoJuly 21, 1985, amadoda, abesifazane, nabantwana abangaphezu kwekhulu bahlangana ngenjongo yokukhulekela eHholo LoMbuso labo eliseSydney, eAustralia. Ngemva kwengoma yokudumisa uNkulunkulu, ibandla lenzelwa umthandazo. Lapho isikhonzi sesinemizuzu eyi-15 siqalise ingxoxo yeBhayibheli ngalolosuku lwangeSonto ekuseni, ukuqhuma kwebhomu ngokungazelele kwaphazamisa ukuthula, kusilimaza kabuhlungu, kubulala indoda eyayihlezi ngaphambili ehholo, futhi kwaphumela ekulalisweni kwabantu abangaphezu kwama-40 esibhedlela.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 3]
Ingabe Umthandazo Uyawenza Umehluko Othile?
Zombili lezehlakalo ezisanda kulandiswa—esinye esichazwe ‘njengentukuthelo yendalo engalawuleki’ nesinye njengesenzo sobugebengu—ziphakamisa imibuzo ngokuphathelene nokubaluleka komthandazo. Kubaluleke ngani ukuthandaza? Ingabe umthandazo uyasebenza ngempela? Ingabe ukuthandaza kuwufanele umzamo?