Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Abantu bakaNkulunkulu kumelwe ‘banakekele abakubo,’ ngakho-ke uAbrahama wayengakwenza kanjani ukuba amane athumele uHagari noIshmayeli ehlane?
Kuwuthando futhi kufanelekile ngezinceku zikaNkulunkulu ukuba zinakekele amalungu omkhaya aswelayo. Ngokuqondene nabazali abangamaKristu, umphostoli uPawulu wabhala: “Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.”—1 Thimothewu 5:8.
Singaqiniseka ukuthi inkambo ka-Abrahama yayingaphambene nomoya weseluleko esinjalo esivela kuNkulunkulu, ngoba ubekwe njengesibonelo sokholo lweqiniso, “engumhlobo kaNkulunkulu.”—Jakobe 2:23; Heberu 11:8-19.
UNkulunkulu wathembisa isibusiso ngenzalo ka-Abrahama, noma indlalifa. Lapho uSara esemdala futhi esalokhu eyinyumba, wanxusa uAbrahama ukuba amtholele indodana encekukazini yakhe yaseGibithe uHagari. Kamuva, lapho uHagari esekhulelwe, waqala ukwedelela uSara kangangokuba kwakungachazwa ngokuthi “ubudlwangudlwangu,” noma isenzo sonya kumfazi othandekayo ka-Abrahama. (Eksodusi 23:1; 2 Samuweli 22:49; IHubo 11:5) UAbrahama wavumela uSara ukuba abeke uHagari endaweni emfanele, okwabangela ukuba uHagari abalekele ehlane, mhlawumbe ephindela eGibhithe. Indaba ayisho ukuthi wahamba nomphako, ngakho-ke kungenzeka ukuthi wayazi ukuthi wayengakuthola ukudla namanzi kwamanye amakamu, njengasemaqenjini ama-Arabhu azula ehlane.—Genesise 12:1-3, 7; 16:1-6.
Ingelosi yangenela futhi yatshela uHagari ukuthi kumelwe abuye, ukuthi wayezoba nenzalo eningi, nokuthi ‘isandla sendodana yakhe uIshmayeli sasiyomelana nabo bonke’. (Genesise 16:7-12) Eminyakeni embalwa kamuva, uIshmayeli wazibonakalisa emelene noIsaka omncane, indlalifa yeqiniso ka-Abrahama ayizalelwe uSara. UIshmayeli waqala ‘ukumdlalisa’, noma ukumphatha kabi uIsaka. Lokhu kwakungokungathi sína kakhulu kunokulwa kwezelamani. IZwi likaNkulunkulu likubheka ‘njengokushushisa’ inzalo ka-Abrahama eyayibikezelwe ngokwaphezulu. Ngakho-ke isinyathelo esiqinile sasifanelekile.—Genesise 21:1-9; Galathiya 4:29-31, qhathanisa neNW.
UJehova watshela uAbrahama ukuba alalele isinqumo somkakhe ngokwakudingeka kwenziwe, ‘ukuxosha uHagari nendodana yakhe’. Nakuba uAbrahama wayengawujabuleli umbono wokuhamba kukaHagari nendodana yakhe, uAbrahama wabenzela amalungiselelo angokwenyama. Ngokunokwenzeka ngokuphambene nesikhathi esedlule lapho uHagari ebalekela ehlane, ngalesikhathi wahamba nesinkwa esanele (mhlawumbe kuhlanganisa izinhlobo ezahlukahlukene zokudla) namanzi—akunikezwa uAbrahama. Ngokusobala walahleka endaweni ethile ‘ehlane laseBeri-Sheba,’ futhi umphako wakhe waphela ngaphambi kokuba athole omunye wemithombo kuleyondawo. Isimo sakhe esidabukisayo asizange simhlazise uAbrahama, ngoba wayebenzela ‘abakubo amalungiselelo,’ nakuba wayebhekene nokuziphatha okubi okwadinga ukuxoshwa kwabo ekhaya.—Genesise 21:10-21.
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 31]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ULwandle oluKhulu
INtaba iKarmeli
IMegido
IJerusalema
IHebroni
IBeri-Sheba
ULwandle lukaSawoti
INegeb
[Umthombo]
Based on a map copyrighted by Pictorial Archive (Near Eastern History) Est. and Survey of Israel
[Isithombe]
IWadi Zin, isigodi somfula owomile saseningizimu Beri-Sheba