“Izwi Elikhulunywayo Ngesikhathi Esiyiso”
“Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva,” kusho izAga 25:11. Amazwi ethu okucabangela nezenzo zomusa kungaqhubela ngobumnene inhliziyo yomuntu olungile endleleni yokuvunyelwa uJehova. Okuthile mhlawumbe esikukhulumile noma esikwenzile, ngisho naseminyakeni eminingi edlule, kusengakhunjulwa ngothando ngomunye umuntu. Ngokwesibonelo, lapho umbonisi wesifunda nomkakhe bevakashele ibandla, baba izivakashi zikadade owayesand’ ukubhapathizwa. Inkosikazi yombonisi wesifunda yathumela ikhadi lokubonga yazisa impatho ababoniswa yona. Eminyakeni engaphezu kweyisikhombisa kamuva, wathola lencwadi elandelayo:
“Ngibe nomuzwa wokuthi kumelwe ngikubhalele futhi ngikutshele ngosizo obe yilo kimi phakathi neminyaka edlule nakuba empeleni wawungakwazi lokhu. Nganimema wena noJim ekudleni okuncane kwasemini, futhi wangithumelela ikhadi elihle kakhulu lokubonga. Lalithinta inhliziyo, kodwa kwakuwumbhalo owafinyelela inhliziyo yami, futhi angikaze ngiwukhohlwe. Lokhu kwakungo-1976. Kwakuyimi ngedwa emkhayeni wami owayenesithakazelo ngempela eqinisweni. Ngafunda namantombazane ami futhi ngazama ukuba unkosikazi omuhle. Kodwa ngezinye izikhathi ngangifuna ukuphuma eqinisweni, ukuphuma emithwaleni yemfanelo—ukuphuma nje. Kodwa lowombhalo owawubhala wawuthinta inhliziyo yami, futhi ngangizitshela ukuthi, ‘Yeka ukuthi kuwubugovu kangakanani,’ futhi ngiqhubekele phambili.
“Akukho nento eyodwa kuyo yonke leminyaka eyisishiyagalombili eyaba nethonya elingaka kimi, futhi ngafuna ukukutshela ngakho. Ngaphandle kwalombhalo, ngacabanga ukuthi kwakukuhle kanjani ukuba othile omatasa njengawe athathe isikhathi sokungibonga ngokwenza okuthile engangifanele ukukwenza.
“Oh, yebo—lombhalo—eyesi-2 Johane 8.
“Sandra”
Namuhla, umyeni kaSandra usebhapathiziwe futhi uhlanganyela naye njengommemezeli wezindaba ezinhle. Enye yamadodakazi abo amabili iyiphayona elivamile, futhi enye indodakazi ibilokhu ikhonza njengephayona elisizayo kusukela iphothulile esikoleni esiphakeme muva nje.
Ekugcineni, ithini eyesi-2 Johane 8? “Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.”