Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Intsha E-Italy Yenza Amathuba Okufakaza
LABO abazisa izinjongo zikaNkulunkulu ezimangalisayo bayajabula ukusiza abanye bafunde ngethemba loMbuso elimangalisayo. Lokhu ngokuvamile kungahilela ukubamba amathuba avulekayo, njengoba umbiko olandelayo ovela eSardina ubonisa.
◻ “Ummemezeli oneminyaka eyi-12 wayehamba ngebhasi ephindela emuva esuka enkonzweni yasensimini. Ebhasini kwakukhona abafana ababili nentombazane, cishe bonke babeneminyaka eyi-18. Ummemezeli osemusha wahlala eduze nentombazane futhi waqala ukufunda umagazini iPhaphama!, enethemba lokuvusa isithakazelo sayo sokufuna ukwazi. Yawuqaphela umagazini futhi yabuza ukuthi wayefundani. Wachaza ukuthi wayefunda isihloko esiphathelene nekhambi ezinkingeni intsha ebhekana nazo. Wathi wayezuze kakhulu kulomagazini futhi naye ungamsiza. Yabamukela ngenjabulo omagazini.
“Njengoba babeyilalele ingxoxo, abanye abasha ababili bacela umagazini. Lapho besathola umnikelo, umshayeli wabatshela ukuba bangachithi imali yabo ezintweni ezingazuzisi njengalezi. Labasha baphendula ukuthi babehlakaniphile, futhi omagazini babethakazelisa. Kulokhu umshayeli webhasi waphumela eceleni komgwaqo, wamisa ibhasi, futhi wayefuna ukubona ukuthi yini eyayithakazelisa kangaka kulabomagazini. Naye wazitholela abakhe.
“UFakazi osemusha owalandisa ngalokhu okuhlangenwe nakho wathi: ‘Ngiyajabula ngempela ukuthi ngaqalisa ukufakaza ebhasini’”
◻ Omunye uFakazi omusha wasizakala ngesimo sasesikoleni. Lona omusha uyalandisa: “Uthisha wethu wasifundisa indlela yokutadisha eyayihluke ngempela kweyokuqala. Ngemva kokucabangela indaba, kwakumelwe senze uhlaka oluhlanganisa amaphuzu ayinhloko namaphuzu amancane bese sinikeza ingxoxo engalungiselelwe ngesihloko.
“‘Ngijwayelene kakhulu nalengxoxo,’ kusho uFakazi. ‘Yileyo esikiselwa yiSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini.’ Ngokushesha uthisha waphawula ukuthi kwakuyimi kuphela owayephumelela ekusebenziseni lendlela. Wabuza ukuthi kungani kwakunomehluko omkhulu kangaka phakathi nomsebenzi wami nowabanye. Ngachaza ukuthi ngangifunde ngalendlela eSikolehi SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Wajabula kakhulu futhi wangimema ukuba ngibonise ikilasi, ngisebenzisa Incwadi Yokuchasisa Isikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Ngakwenza lokho.
“Lapho ngiphindela ekhaya, ngatshela abomkhaya wakithi lokho okwakwenzekile. Ubaba, ongeyena uFakazi, wayevame ukuthi ukuba uFakazi kaJehova kwakuyisiphazamiso esikoleni, kodwa ngemva kokulalela okuhlangenwe nakho kwami, waphoqeleleka ukuba ashintshe ingqondo yakhe.”
Yeka ilungelo elihle nina basha eninalo, kanye nani asebekhulile, lokuphakamisa nokwenza igama likaJehova laziwe!—IHubo 148:12, 13.