Ukuphilisa—Kukhanga Ngani?
Isonto liyachwaza ngomsindo wesigingci, owecilongo, owezinhlobonhlobo zezigubhu, nowamasimbali akhencezayo. Amadoda, nabesifazane, nezingane ayasina futhi ahlabelele evukwa amadlingozi enjabulo. Isimo sesilungele ukuqala kokuphilisa.
Umphilisi, ogqoke izembatho ezinde ezimhlophe, uqala ngokubeka izandla zakhe phezu kwesishosha esigaqa ngamadolo. Olandelayo, impumputhe ezibuko zayo ezimnyama zimboze amehlo ayo angaboni. “Isimangaliso!” kumemeza izibukeli njengoba izinyonga ziqala ukuhamba nezimpumputhe ziqala ukubona . . .
IZENZAKALO ezifana nalesi zijwayelekile emasontweni amaningi aphilisayo eAfrika. Ngempela, abaphilisi banabalandeli abaningi eAfrika nakwamanye amazwe ngenxa yokuthi bathi, bangaxazulula zonke izinhlobo zezinkinga ngomthandazo nokholo kuNkulunkulu. Abanye-ke beza kubaphilisi ngezinkinga zezimali. Futhi njengoba emphakathini waseAfrika ukungabi nangane ngokuvamile kuyichilo, abanye baya kubaphilisi belindele ukwelashwa ubunyumba.
Nokho, izinkinga zempilo, ziye zagcina abaphilisi bematasatasa kunanoma iyiphi enye into. Nakuba imithi yezokwelapha igcwele izitolo futhi kwenziwa imizamo ebabazekayo kwezokwelapha ukuze kusizwe abagulayo, kusekude ngomuntu ukuba athole ikhambi lenkinga yokugula. Ezinye izisulu zokugula ziye zachitha izimali ezinkulu zifuna ukwelashwa, kube nhlanga zimuka nomoya. Khona-ke, akumangalisi ukuthi lapho bephelelwe yithemba, abaningi baphendukela kwabaphilisayo!
Abanye banomuzwa wokuthi ukuphilisa kuye kwabasiza futhi ababoni kuphikisana phakathi kwakho nobuKristu. Ngempela, njengoba abaphilisi ngokuvamile bathi basebenza ngegama likaJesu, akukhona okungavamile ngabalandeli babo ukuba babe amalungu akho kokubili inkolo evamile nesonto eliphilisayo. Kodwa ingabe umkhulekeli weqiniso kaNkulunkulu kufanele aye kumphilisi? (Johane 4:23) Futhi ingabe noma yikuphi ukwelapha okwenziwe yilowo kungathiwa kungokukaNkulunkulu?