Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 11/15 kk. 30-31
  • Ukusuka Ebugqilini Bokwakha Izitini Ukuya Enkululekweni!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusuka Ebugqilini Bokwakha Izitini Ukuya Enkululekweni!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 11/15 kk. 30-31

Ukusuka Ebugqilini Bokwakha Izitini Ukuya Enkululekweni!

INGABE imibhoshongo yaseGiza (eduze neCairo yanamuhla) ikhumbuza ngezigqila ezaziphathwa ngonya zisebenza kanzima zidonsa amatshe ziwabeke endaweni efanele elangeni elishisayo? Futhi ingabe uyazibona ngamehlo engqondo izigqila ezingamaHeberu phakathi kwazo?

Eqinisweni, imibhoshongo yaseGibithe esekhasini elilandelayo isukela esikhathini esingaphambi kwalapho umkhaya kayise kaJosefa uJakobe (noma, uIsrayeli) uthuthela eGibithe. Kodwa okwakuvame ngaphezu kokwakha ngamatshe amakhulu kwakuwukusebenzisa izitini, ezazakhiwa yizigidi kulo lelolanga elishisayo.

AmaHeberu ayamukelwe eGibithe ngesikhathi sikaJosefa uNkulunkulu wawabusisa ngokwanda, okwaletha ukwesaba kwabaseGibithe. Siyafunda: “Kwase kubekwa phezu [kwamaHeberu] izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. [Bakha imizi] . . . AbaseGibithe babakhonzisa abantwana bakwaIsrayeli ngamandla. Benza ukuphila kwabo kwaba-munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini.”—Eksodusi 1:7-14.

Ngakwesokudla, ungabona ukuthi izitini zisakhiwa eGibithe, ezinye zibhakwa emaziko anjengaleli elibonakala lapha. (Qhathanisa noGenesise 11:1-3; 19:28.) Nokho, ngokusobala izitini eziningi zaseGibithe lasendulo zazomiswa ngelanga. Ukusetshenziswa kotshani ekwenzeni izitini kusaqhubeka. Utshani buyabonakala ezitinini ezitholwe emivubukulweni yencithakalo yeBerisheba lasendulo (umfanekiso ophakathi).

Ukufaka utshani kwakuqinisa izitini. Ukuze zenziwe, udaka (noma ubumba), amanzi, notshani kwakuxovwa ngokunyathelwa ngezinyawo ngokungajahi, bese kugxishwa kokuthile futhi ekugcineni zikhishwe ukuze zome. Cabanga nje usebenza kanzima emsebenzini onjalo nsuku zonke. Ngokuqinisekile, ungaqonda ukuthi kungani abakwaIsrayeli “babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.”—Eksodusi 2:23.

UJehova wabezwa futhi wathumela uMose kuFaro ukuze azuzele amaIsrayeli inkululeko. Esikhundleni salokho, uFaro ozidlayo wandisa umthwalo wabo. Manje kwakumelwe bazibuthele utshani babo, nokho bagcine inani lezitini elinqunyiwe njengakuqala. Phela, lokhu kwakufana nesigwebo sokufa! UNkulunkulu wathi: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe.”—Eksodusi 5:1–6:1.

Mhlawumbe uyakwazi okwalandela. UJehova wakwazi ukunqoba uFaro ononya. Ngemva kwenhlupheko yeshumi, uNkulunkulu “wakhipha abantwana bakwaIsrayeli ezweni laseGibithe.” (Eksodusi 12:37-51) Eshiya emuva imibhoshongo, izitini, nobugqila bonya, uIsrayeli waya eZweni Lesithembiso. Amaqiniso anjalo angokomlando kumelwe asiqinisekise ngekhono likaJehova uNkulunkulu lokunikeza amaKristu inkululeko yeqiniso ezweni elisha elizayo, nePharadesi lalo lasemhlabeni.—Qhathanisa nabaseRoma 8:20, 21.

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 31]

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

Photos, pages 30, 31: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela