Isiphambano SamaKristu Ngaphambi KukaConstantine?
“UPHAWU lwesiphambano belulokhu luyisibonakaliso sobudala, sikhona cishe kuwo wonke amasiko aziwayo. Incazelo yaso iye yazicashela izazi zenhlalo yabantu, nakuba ukusetshenziswa kwaso emathuneni kungase kusho ukuvikeleka kokubi. Ngakolunye uhlangothi, icrux ansata eyaziwayo yaseGibithe, edwetshwe iphuma emlonyeni kumelwe ibhekisele ekuphileni noma emoyeni ophefumulwayo. Ukusetshenziswa kophawu lwesiphambano endaweni yonke kuletha ukukhathazeka okukhulu lapho zingatholakali iziphambano emivubukulweni yama Kristu, ikakhulukazi noma ikuphi okukhomba esehlakalweni saseGolgotha. Izazi eziningi ziyavuma manje ukuthi isiphambano, njengesikhombo esiqoshiwe sesenzakalo semizwelo, asitholakali ngaphambi kwesikhathi sikaConstantine.—Ante Pacem—Archaeological Evidence of Church Life Before Constantine (1985), ngoProfesa Graydon F. Snyder, ikhasi 27.