‘Ngasizwa Ukuba Ngiqonde UMuntu Engangingacabangi Ukuthi Ngangiyomqonda’
Encwadini elandelayo eyayibhalelwe iWatch Tower Society, umuntu uchaza ukuthi walutholaphi usizo. “Banumzane abathandekayo:
“Ngithanda ukunazisa indlela izincwadi zenu ezingisiza ngayo ukuba ngiqonde uMuntu engangingacabangi ukuthi ngangiyomqonda. Manje iBhayibheli seliyincwadi ethakazelisa kakhulu kwe ngake ngazifunda ngenxa yosizo eniye nanginikeza lona ngezincwadi zenu.
“Ningangisiza yini ningithumelele uhlu lwazo zonke izincwadi enizikhiphayo, uma kunokwenzeka?
“Ngifaka [u-R4,50] we zincwadi ezimbili Ukubonisana NgemiBhalo . . . Kumelwe ngimhlanganyele nabanye ‘lomsizi omncane’ omangalisayo.”
Singathanda ukukunikeza nawe incwadi yeBhayibheli enoqwembe oluqinile, enamakhasi angama-448 ethi Ukubonisana NgemiBhalo. Ingu-R2,25 kuphela.
Sizani ningithumelele incwadi yeBhayibheli enoqwembe oluqinile ethi Ukubonisana NgemiBhalo. Ngifaka u-R2,25.