“Izincwadi Zabangane Bami”
Ngenxa yokuthi baye bayijabulela kakhuIu incwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise, abaningi baye babolekisana ngayo. Ngokwesibonelo, umuntu waseIndiana, eU.S.A. uyabhala:
“Ngithanda ukunitusa ngencwadi emangalisayo engisanda kuyifunda, ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Iyincwadi ebhalwe kahle neqondakala kalula, futhi intsha yethu kanye nabantu abadala bazozuza ngokuyifunda.
“Ngizothanda ukuthola izincwadi ezengeziwe zabangane bami, futhi ngizothanda ukusebenzisa lencwadi njengezipho zomshado.
“NgingumNazarene . . . futhi anginakukwazisa ukuthunyelelwa ezinye izinto, ngaphandle kwalencwadi, . . . Uma bekungenzeka ukuba ngithole izincwadi eziyishumi ngenani elilinganiselwe, ngingakwazisa uma ningazisa ngakho.”
Mhlawumbe uzizwa ngendlela efanayo neyalomuntu ngencwadi ethi Ukuphila Komkhaya. Ingabe ukhona othile omaziyo ongathanda ukuba naye abe nayo? Kungani ungamthumeleli lowomuntu isipho salencwadi? Ungakwenza lokho ngokumane nje ugcwalise futhi uthumele isigqebhezana esingezansi, ufake nje kuphela u-R1,80.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile, enamakhasi ayi-192 ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise kanye nencwadi echazayo ukuthi isipho esivela ku- .
Ngifaka u-R1,80.