Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 6/15 k. 32
  • UmKatolika Uyayijabulela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UmKatolika Uyayijabulela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 6/15 k. 32

UmKatolika Uyayijabulela

Omunye woFakazi BakaJehova waqhunyelwa isondo emaphandleni aseVirginia, eU.S.A. Kwakunendlu eduze, futhi wangqongqoza emnyango. Owesifazane ongumninikhaya wamngenisa ukuze ashayele omakhenikha ucingo. Kamuva uFakazi wamthumelela incwajana yokubonga, wahlanganisa nesiboniselo esiyisipho sencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Okulandelayo, ngokwengxenye, kuyimpendulo ayemukela:

“Ngifuna ukuba qotho futhi ngithembeke kuwe. NgingumKatolika. Futhi lapho noma ubani eza kwami neNqabayokulinda nanoma imaphi amanye amapheshana, ngiyaye ngizame ukungakwamukeli. Uma ngiphoqelelwa khona, ngikuphonsa emgqonyeni kadoti. UbuKatolika bagxiliswa kimina kusukela ngisemncane

“Nokho, ngiye ngakhangwa incwadi yenu, ngoba ‘inePharadesi’ esihlokweni sayo nangenxa yokuthi amagama ayo abekhanya futhi elula. Imibuzo ephansi emakhasini iyakukhuthaza ukufunda, futhi nemifanekiso yayikhanga kimi. Ngathanda kakhulukazi ikhasi 11 ngoba ngizama ukwenza ipharadesi elinjalo lapha lezinyoni nezilwane. Nginezimbabala, onogwaja, amachipmunks, iZingwejeje, amagalikuni asendle nezinyoni zalo lonke uhlobo. . . .

“Ngempela uye wafeza okukhulu ngokwenza umKatolika afunde incwadi yenye inkolo. Hawu! Ngiyangabaza ukuthi ngiyoke ngiphendukele kwenye inkolo. Kodwa ngiyayifunda lencwadi, futhi nomyeni wami manje useyayifunda. Ngiyakubonga futhi!”

Lencwadi enhle inamakhasi angama-256, alingana nawalomagazini, futhi igcwaliswe imifanekiso engaphezu kweyi-150, eminingi enemibala emihle. Thumela kuphela u-R4,50; encane ingu-R2,25.

Sizani ningithumelele incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Bonisa ngokuphawula emabhokisini afaneleki1e ukuthi ufuna enkulu ngo-R4,50 [ ] noma ufuna encane ngo-R2,25 [ ], bese ufaka imali efanele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela