Umuntu Ophakeme Akanakuqhathaniswa
UMUNTU OPHAKEME. Ingabe uyakholwa nguye? Naphezu kokuphuma emasontweni okusakazekile emazweni amaningi, izigidi zisalokhu zikholelwa kuMuntu onamandla amakhulu, onesihe ezingaphendukela kuye, ikakhulukazi lapho zisosizini.
Ngokwesibonelo, eAfrika kunezinkolo eziningi ezingokwendawo, ezingokwesiko ezihlukene kakhulu futhi ezikhulekela onkulunkulu abanamagama amaningi. Nokho, abantu abaningi bakholelwa ngokuqinile kuMuntu oPhakeme “ongenakuqhathaniswa” “nomlawuli owukuphela kwakhe wendawo yonke.”
Kunjengoba kulandiswa encwadini kaDr. Peter Becker iTribe to Township, ngekhehla eliwumSuthu eliwumshumayeli ongaqeqeshiwe waseNingizimu Afrika elathi: “Ubab’ omkhulu nomkhulu . . . babazi ngoNkulunkulu, uMolimo, uNkulunkulu onguMuntu oPhakeme owadala zonke izinto, ngaphambili kakhulu kokuba kufike izithunywa zevangeli . . . Ingabe kunendaba ukuthi thina [Besuthu] sibiza uNkulunkulu ngokuthi, Molimo, amaZulu, ngokuthi uNkulunkulu, amaXhosa, ngokuthi uThixo . . . ?”
Yebo, amagama amaningi ayadida. Ngokunokwenzeka uzovuma ukuthi uNkulunkulu wendawo yonke kumelwe efane kubo bonke abantu futhi kumelwe abe negama elaziwa kuwo wonke umhlaba. Iqoqo eliphefumlelwe lemibhalo yasendulo, iBhayibheli, lihlonishwa kuwo wonke umhlaba. Liyamemezela: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Ngakho, ngokweBhayibheli, uMuntu oPhakeme unegama lakhe siqu elingenakuqhathaniswa.
Uluhlobo olunjani loMuntu loNkulunkulu oyedwa, njengoba kwembulwe yiBhayibheli? “Izindlela zakhe zingukulunga”; “nguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso”; “inesihe esikhulu nesihawu”; “uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula”; “uNkulunkulu uluthando.”—Duteronomi 32:4; Eksodusi 34:6; Jakobe 5:11; 1 Korinte 14:33; 1 Johane 4:8.
IBhayibheli lembula futhi ukuthi uJehova nguyena kuphela okumelwe akhulekelwe. Yebo, njengoba engenakuqhathaniswa, ufuna ngokufanelekile ukukhulekelwa okukhethekile. (Eksodusi 20:5) UJesu Kristu wathi: “Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.”—Mathewu 4:10.
Nokho, abantu abaningi baseAfrika, nakuba bezisholo ukuthi bakholelwa kuMuntu oPhakeme, bakhulekela onkulunkulu abaningi. Ingabe lokho akukubonisi ukuthi kukhona ukudideka ngokuphathelene nohlobo noma ubuntu bukaNkulunkulu? Kodwa ngisho nasezingxenyeni eziningi zeLobukholwa, ubuntu obucacile, obuphakeme, bukaNkulunkulu bufiphazwa ngokumcabangela njengoNkulunkulu oneziqu ezintathu. Kungenzeka wake wezwa ngalokhu njengoZiqu-zintathu oNgcwele, imfundiso eyimfihlo futhi okunzima ukuyiqonda. Ngokwesibonelo, incwajana iThe Blessed Trinity ithi: “Imfundiso kaZiquzintathu oNgcwele . . . iyimfihlo . . . Ngeke yafakazelwa ngesizathu . . . Ngeke futhi yafakazelwa ukuba nokwenzeka kwayo.”a (Omalukeke bazenzele.) Incwajana iyenezela: “Khona-ke, ubufakazi, bokuba khona kwemfihlakalo bubonisa ukuthi kukhona kusAmbulo, emBhalweni oNgcwele.”
Kodwa ingabe umBhalo oNgcwele uyayifundisa ngempela lemfundiso? Ingabe uMuntu oPhakeme ungabantu abathathu kuNkulunkulu oyedwa?
[Umbhalo waphansi]
a Ikhishwe yiCatholic Truth Society yaseLondon.