“Umonakalo Oyokwenzeka Uyoba Mkhulu Kakhulu”
IMPI YEZWE I yalimaza kakhulu ukuphila kwabantu nempahla. Nokho, awaziwa kahle umonakalo impi eyawenza kubavangeli beLobukholwa eAfrika. Ngokomvangeli ongumKatolika uFrancis Schimlek encwadini yakhe ethi Medicine Versus Witchcraft, izindaba zalempi yomhlaba wonke ‘zazinjengokuzamazama komhlaba, okwazamazama ngisho nasesikhungweni sokugcina sabavangeli ehlanzeni laseAfrika . . . lzithunywa zikaKristu zadumala, futhi amaKristu omdabu aseAfrika akhungatheka.”
Kungani? USchimlek ucaphuna umvangeli uAlbert Schweitzer echaza: “Sonke, siyaqaphela ukuthi abantu bomdabu baseAfrika bakhungathekiswe umbuzo wokuthi kungenzeka kanjani ukuba abamhlophe, abeza neVangeli Lothando, manje babulalane, futhi bayishaye indiva imiyalo yeNkosi uJesu. Lapho besi buza lombuzo sivele sixakeke. . . . Nginovalo lokuthi umonakalo oyokwenzeka uyoba mkhulu kakhulu.”