Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 5/1 k. 21
  • Umvuzo Wokwethembeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umvuzo Wokwethembeka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “UNkulunkulu Akabheki Ubuso Bamuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Uthando Luhlanganisa Imikhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • “Izwi LikaNkulunkulu Laqhubeka Likhula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukuzimisela Ukukhonza UJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 5/1 k. 21

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Umvuzo Wokwethembeka

KWAKUSE-ITALY, eminyakeni eyi-15 edlule, lapho uNkk. B——, owayeneminyaka eyi-15 ngalesosikhathi ethola iqiniso. Nokho, akazange athuthuke, khona-ke washada nomuntu ongakholwa. Imbewu yeqiniso yahlala enhliziyweni yakhe, futhi cishe esikhathini esingangonyaka esidlule wamukela isifundo seBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova futhi waqala ukuba khona emihlanganweni. Indoda yakhe yayiphikisa kakhulu futhi yasongela ngokumxosha ekhaya. Yayimshaya kangangokuthi kwakudingeka ukuba elashwe odokotela. Ngobunye ubusuku yagulukudela eHholo LoMbuso phakathi nomhlangano, yashaya umzalwane, yabulala ingilazi yomnyango, futhi yamemeza ngolaka.

Lapho ebuyela ekhaya, wathola umyeni wakhe ehluthulele indlu. Ngaphandle kokuphelelwa isibindi, waya esiteshini samacarabinieri (samaphoyisa) eyowatshela ngokwakwenzekile futhi wabe eseyolala esihlotsheni sakhe. Ngemva kwezinsuku ezimbili indoda yakhe yamvumela ukuba abuyele ekhaya.

Indoda yaziwa kakhulu edolobheni. Yaqala ukugxeka oFakazi BakaJehova obala, ithi babonakalise umkhaya wayo. Kulomkhankaso wokulwisana noFakazi, yasekelwa abefundisi. Umpristi wayenamapheshana ananyatheliswayo ayebhalwe amagama alandelayo: “BOFAKAZI BAKAJEHOVA: Musani ukuphazamisa ukuthula kwalomkhaya. SIYABONGA’” Wawanamathisela eminyango yezindlu zalelodolobha. Wonke umuntu wayekhuluma ngoFakazi BakaJehova futhi bebenza izisulu zokuhlekwa nokugconwa. Naphezu kwalokhu, abazalwane baba nesibindi futhi baqhubeka ngentshiseko eyengeziwe kunakuqala enkonzweni yabo. Imikhaya eminingi yayingazange iwafune lawomapheshana eminyango yayo. Kwabikwa ukuthi, abanye abafana, bethunywe umpristi banikwa amalire ayi-100 ngokuwa namathisela eminyango.

Phakathi nalesosikhathi uMnu., B—— watshela umkakhe ukuthi kwakuzofuneka ashiye ikhaya, njengoba kakade ayesethathe izinyathelo zokwahlukanisa okungokomthetho. Kodwa izinto zaziqala ukushintsha kulelidolobha. Isiteshi somsakazo sendawo sakhipha uhlelo, futhi umsakazi wachaza isimo “njengesenzo esingathandeki, somkhuba onengekayo.” Phakathi nohlelo, abazalwane bethu bachaza ukuthi imikhaya eminingi yayifakelwe amapheshana ingathandi. Lokhu kwafakazelwa iqiniso lokuthi ayefakwe phakathi nobusuku ngisho nakweminye iminyango yoFakazi BakaJehova nemikhaya eyayemukela ukuhambela kwabo. Umsakazi wancoma oFakazi BakaJehova wathi “bangabantu abanesizotha esimangalisayo, futhi banomusa omkhulu.”

Ekugcineni, kwafika isikhathi sokuba umbhangqwana uvele phambi kwejaji ukuze uqalise isahlukaniso esingokomthetho indoda eyayisicelile Ijaji lamncoma uNkk. B—— ngesifiso sakhe sokungafuni ukwahlukanisa, futhi lapho esalindele ukuthethwa kwecala, lamnika ilungelo lokukhulisa abantwana. Babengaqhubeka behlala ekhaya labo, futhi indoda yakhe kwakuzodingeka imnike amalire angama-250 000 ngenyanga. Indoda yenqaba, ithi: “Indlu ingekamama wami, futhi umkami akanakuhlala khona.” Ijaji laphendula: “Ufuna ukuba yindoda nobasi. Umkakho kumelwe athi yebo, ngazo zonke izikhathi futhi ngokokuqala ngqa uthe cha. Kanjalo wabangela isiphithiphithi kulo lonke idolobha. Ukuba umkakho ubengathembekanga kuwe, bengizoqonda, kodwa ngenxa yokuthi ulandela enye inkolo esikhundleni senye akundaba yakho leyo.”

Unkk. B_—— manje ukhonza uJehova ngenjabulo. (Mathewu 5:10) Abantu bedolobha baye baguqula isimo sabo sengqondo, futhi kukhona nezingxoxo ezinhle zeBhayibheli. Bayavuma ukuthi akubona oFakazi BakaJehova abaphazamisa ukuthula komkhaya. Uma kusekhona amapheshana eminyango, awasasho lutho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela