“Ingcebo Ngolimi Lwamanga . . . Inkungu”
EZINSUKWINI zanamuhla ukuqamba amanga nokukhohlisa ngokuvamile kubhekwa njengamasu ebhizinisi angokomthetho futhi aphumelela kakhuiu. Lokhu kwakunjalo ngezikhathi zeBhayibheli. Umhubi uAsafa wabhala ngalabo abaye “bandisa imfuyo” yabo, ngokusobala ngezindlela zokukhohlisa. Abanjalo bangase babonakale ‘benethezekile ngaso sonke isikhathi’ ngenxa yomcebo ukukhohlisa kwabo okuye kwabalethela wona.—IHubo 73:8, 12, qhathanisa neNW.
Nokho, amaKristu namuhla kumelwe agweme ‘ukuthanda inzuzo eyihlazo’ nokuphendukela ezindleleni zebhizinisi eziwumshoshaphansi noma ezingathembekile. (1 Petru 5:2) IzAga 21:6 ziyaxwayisa: “Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize [“kuyinkungu,” NW] elizulazuliswa, nezingibe zokufa.” Yebo, noma iyiphi “ingcebo” etholakala ngokuqamba amanga nangokukhohlisa ingeyesikhashana ‘njengenkungu,’ isaba lala njengomhwamuko. “Ingcebo yobubi ayisizi-lutho” isikhathi eside. (IzAga 10:2) Ngempela, umuntu oqamba amanga ‘usogibeni lokufa’ ngokuphishekela inkambo ebulalayo. Angase afe ngaphambi kwesikhathi njengoba izindlela zakhe zokuqamba amanga zimphendukela. (Esteri 7:10) Noma kamuva, ukuphila kwakhe kuyoqedwa ngosuku lukaNkulunkulu lokwahlulela.