Memezelani Inkululeko!
KUTHIWA umuntu wesigidi sezinkulungwane eziyisihlanu emhlabeni wazalwa ngoJuly 7, 1986. Luhlobo luni lwekusasa okumelwe lomuntu wesigidi sesihlanu, empeleni nabo bonke abantu, babhekane nalo? Ingabe kunokwenzeka ukuthi izigidi zezinkulungwane zesintu ngelinye ilanga zijabulele inkululeko yeqiniso? Ngokuqinisekile, sithi yebo. Kodwa yini okumelwe siyiqonde “ngenkululeko”? Ingabe isho ilungelo lokwenza noma yini umuntu ayithandayo? Cha, ngoba njengoba umlobi wezincwadi oyiNgisi wekhulu le-19 leminyaka uCharles Kingsley abhala: “Kunezinkululeko ezimbili, eyamanga lapho umuntu ekhululeke khona ukwenza akuthandayo, neyeqiniso lapho umuntu ekhululeke khona ukwenza lokho afanele ukukwenza.”
Umuntu uyozuza inkululeko yeqiniso kuphela ngokwenza “lokho afanele ukukwenza.” Futhi kuyini okufanele akwenze? Ngesikhathi uJesu elapha emhlabeni, washo ngokucacile ukuthi kunemithetho emibili emikhulu,—owokuqala, owokuthanda uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yomuntu, umphefumulo, ingqondo, namandla, futhi owesibili, owokuthanda komuntu umakhelwane wakhe njengoba ezithanda yena. (Marku 12:29-31) Inkululeko yangempela iyotholwa kuphela yilabo ababonisa ngeqiniso uthando olunjalo loqobo—uthando lukaNkulunkulu nolwabantu esikanye nabo.—Johane 8:31, 32.
Ingabe izwe namuhla liyalubonisa lolohlobo lothando? Ngokudabukisayo, akunjalo. Ngaphandle kothando, kuvama inkululeko yohlobo lwamanga. Liveza umoya wobugovu, wokuzibusa. Ligcizelela ‘ekwenzeni elikuthandayo,’ ngokungacabangi ngoNkulunkulu noma umakhelwane. Lomoya wanda usuka kumuntu oyedwa uye emiphakathini, izinhlanga, nezizwe. Nakuba isimo sobumina siphikelela, isisekelo sanoma iyiphi inkululeko, noma yikuphi ukuthula, noma iyiphi injabulo kulomhlaba, kumelwe sibe esintengayo. Khumbula, uJesu wathi, “womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Uthando olunjalo lukamakhelwane luyadingeka ukuze kujatshulelwe inkululeko yeqiniso.
Inhlangano yeZizwe Ezihlangene yasungulelwa ukuba ikhulule isintu ngokuletha “ukuthula nokulondeka” esikhundleni sokonakalisa kwempi. Onyakeni wama-40 wokusungulwa kwayo, iUN yamemezela ukuthi u-1986 unguNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke. Kodwa ingabe lokhu kuye kwaphumela ekumenyezelweni kwenkululeko eneziqinisekiso zangempela zokuthula? Ingabe izindleko ezesabekayo zezikhali (manje ezifinyelela ngaphezu kwesigidi sezigidi ezimbili zamaRandi ngonyaka) ziye zancishiswa? Ingabe ubuphekulazikhuni kanye nokubhujiswa kwezimoto ngamabhomu kuye kwaphela? Ingabe ukubulala okusekelwe enkolweni eNyakatho Ireland, eMpumalanga ePhakathi, naseAsia kuye kwaphela? Abaholi bezenkolo bangenela kwezombangazwe futhi bakhuluma kakhulu ngokuthula. Kodwa kubonakala sengathi ijuba lokuthula kweqiniso liye landizela kude kakhulu ukuba iUN nezinkolo zomhlaba zilibambe.
Ingabe likhona iqembu namuhla eliye layeka izindlela zezwe zobudlova, nezobumina? Yebo, likhona! “INkosi yokuthula” eyabikezelwa, uJesu Kristu, iye yahlanganisela laba ndawonye ‘bevela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe.’ (Isaya 2:3, 4; 9:6, 7; IsAmbulo 5:9; 7:9) Bayajabula ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu usuzoqeda bonke ububi futhi ulethe ipharadesi lokuthula emhlabeni wonke, okuyovama kulo inkululeko yeqiniso. Leliqembu laziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova. (Daniyeli 2:31-35, 44; Isaya 43:10, 12; 65:17-25) Ngobunye, lamaKristu ahlanganyela isimemezelo sokwethaba esafanekiselwa yizici zelungiselelo leJubili kuIsrayeli wasendulo. Ezweni ngalinye emazweni angama-200 nangaphezulu emhlabeni wonke, balalela ngenjabulo umyalo kaNkulunkulu: “Nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo.” (Levitikusi 25:10) Ingabe usuye wasizwa futhi wasilalela leso simemezelo sokwethaba?