Umfundisi Wakhohlwa Ukuya Esontweni
Okuhlangenwe nakho okuvela ezweni labaNsundu eKenya kubonisa ukukhanga kwencwadi efundisayo INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.
Lencwadi yanikezwa umfundisi ngolunye usuku ekuseni ngaphambi nje kokuba inkonzo yesonto lakhe iqale. Ngokushesha waqala ukuyibheka futhi yamthakazelisa kakhulu kangangokuthi wakhohlwa ukuya esontweni ukuba ayophatha inkonzo. Ngokuhamba kwesikhathi, abefundisi ababili besonto bathunyelwa emzini wakhe, lapho bamthola efunda incwadi Yezindaba ZeBhayibheli. Umfundisi waqala ukubachazela indlela lencwadi eyayithakazelisa ngayo. Nalaba futhi baba nesithakazelo esikhulu kuyo futhi bakhohlwa ukubuyela emuva.
Ngemva kwesikhashana, abanye besonto baya endlini yomfundisi, futhi okwabamangalisa, bathola lamadoda amathathu exoxa ngeNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Waba yini umphumela? Esikhundleni senkonzo yesonto ejwayelekile yangalolosuku ekuseni, kwaba nengxoxo yokwethukela yencwadi Yezindaba ZeBhayibheli. Abaningi bafuna ezabo futhi bacela ukuba isithunywa sevangeli soFakazi BakaJehova sibalethele yona.
Lencwadi enamakhasi angama-256, enemifanekiso emihle inikeza umfundi umbono obanzi walokho iBhayibheli elikuqukethe. Ungazitholela lencwadi. Gcwalisa futhi uthumele isiqeshana esingezansi kanye nomnikelo ka-4,50.
Sizani ningithumelele, incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngifaka u-R4,50.