Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 12/15 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inhlonipho Yokwesaba UNkulunkulu Ngegazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-46—1 Korinte
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Abeluleki Abanekhono—Bayisibusiso Kubazalwane Babo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Sazise Ngokufanele Isipho Sakho Sokuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 12/15 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini abaningana bamuva beNqabayokulinda? Khona-ke ake ubone ukuthi ungawakhumbula yini amaphuzu alandelayo:

◻ Kungamuphi umqondo uPawulu ayengathi ‘wayengenacala egazini labo bonke’? (IzEnzo 20:26, 27)

Ngokusobala, phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe uPawulu wayengakaze alichithe igazi empini, futhi wayengakaze alidle igazi, Nokho, ngokubaluleke kakhulu wayebonise isithakazelo esikhulu ekuphileni kwabanye njengoba kumelelwe igazi labo. Wayekukhathalela ukuthi abekho ababeyolahlekelwa ukuphila kwabo ngosuku lukaNkulunkulu lokwahlulela ngoba ehlulekile ukubanikeza ubufakazi benkuthalo.—9/1, ikhasi 27.

◻ Kungani intshumayelo kaJesu yasentabeni yayibaluleke kangaka?

Intshumayelo kaJesu yayingabalulekile nje kuphela ngenxa yomongo wayo ongokomoya kodwa futhi nangenxa yobulula bayo nokucaca.—9/15, ikhasi 9.

◻ Yini eyenza iseluleko somphostoli uPawulu saphumelela kangaka?

Ukuphumelela kwaso kwabangelwa yiqiniso lokuthi labo esasiqondiswe kubo babazi ukuthi uPawulu wayebathanda. Futhi, wathembela ekuhlakanipheni kokwesaba uNkulunkulu, hhayi embonweni wakhe siqu, futhi wabanikeza iseluleko ngomoya wobumnene. (2 Thimothewu 3:16; Thithu 3:1, 2)—9/15, amakhasi 12, 13.

◻ Izilo ezine ezabonwa uDaniyeli ephusheni lakhe elilotshwe kuDaniyeli isahluko 7 zimeleleni?

Zimelele imibuso yezwe esukela osukwini lukaDaniyeli kuqhubeke kuze kube sekumisweni koMbuso kaNkulunkulu. Kwakuyilena: IBabiloni, amaMede namaPheresiya, iGrisi, neRoma kanye nomxhantela walo, uMbuso wamaNgisi namaMelika.—10/1, ikhasi 7.

◻ Kungani ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuyindlela ewusizo umuntu angabonisa ngayo uthando ngomakhelwane wakhe?

Umsebenzi wokushumayela uwusizo ngoba usiza abantu basebenzise izimiso zokuziphatha. Lokhu, futhi, kubenza bagweme izinkinga eziningi ekuphileni.—10/1, ikhasi 23.

◻ Kungani igama elithi “iNdodana yomuntu” lalifanelekile kuJesu?

Lapho uJesu esebenzisa leligama kuye ngokwakhe wayengumuntu, futhi ngalokho ‘wayeyiNdodana yomuntu’ ngokoqobo. Futhi wanikela ngokuphila kwakhe ukuze ahlenge abantu, kanjalo efeza ingxenye yesihlobo esiseduze kakhulu sesintu—ngempela ‘uyiNdodana yomuntu.’ (Mathewu 20:28; Heberu 2:11-17)—10/15, ikhasi 6.

◻ Kungani ukukhulumisana okunenjongo phakathi kwabazali nabantwana kubaluleke kangaka?

Ukuxoxa okunjalo kudala ukuzwisisana nokunakekelana. Uma abantwana bebonisa ukuzimisela ukuxoxa ngisho nangezindaba ezibucayi, abazali babo bayakwazi ukuqonda okusezinhliziyweni zabo. Futhi, abantwana baqala ukubona ukuthi imizwelo nezifiso zabazali babo ziyefana nezabo. Konke lokhu kunengxenye enkulu emkhayeni othokozayo, onobunye.—11/1, amakhasi 18, 19.

◻ UmKristu angazigwema kanjani izinkinga eziningi ebuhlotsheni bezamabhizinisi?

Ngaphambi kokungenela noma iliphi ibhizinisi umKristu kumelwe ahlolisise izisusa zakhe. Kumelwe sikhunjulwe njalo iseluleko seBhayibheli esikwabaseRoma 14:19, ‘sokujonga okokuthula nokokwakhana.’—11/15, ikhasi 19.

◻ Ziyini izinzuzo zokulandela iseluleko esiphefumlelwe sokushada ‘kuphela eNkosini’? (1 Korinte 7:39)

Abangane bomshado abangamaKristu bangakhuthazana ekuhlangabezaneni ngokuphumelelayo novivinyo oluhlukahlukene futhi ngaleyondlela bahlale bethembekile kuNkulunkulu. Ngobunye, bangamelana nokucindezela okuhlukahlukene okungenza buthakathaka izibopho zomshado. Imizamo yabo yokukhonza uJehova nokuphila ngokwezindlela zakhe ingaba nengxenye emshadweni ophumelelayo odumisa uJehova.—11/15, ikhasi 26.

◻ Ikuphi ukusikisela okuhle ngokuqondene neminikelo umphostoli uPawulu akunikeza ibandla laseKorinte?

UPawulu wabhala kweyoku-1 Korinte 16:2: “Ngosuku lokuqala lweviki akube-yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe.” Ukukwenza njalo lokhu kwakuyiphuzu elaligcizelelwa, hhayi inani. Namuhla, abantu bakaJehova bangasebenzisa lesimiso esifanayo ekuhlangabezaneni nezindleko ezidingekayo zamaHholo oMbuso noma ukwenza eminye iminikelo yezithakazelo zoMbuso.—12/1, ikhasi 30.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela