Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 12/15 kk. 8-9
  • UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Uvusa Indodana Yomfelokazi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ingabe Ukufa Kunganqotshwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • UMvuseleli Wokuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 12/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi

MASINYANE ngemva kokuba esephulukise inceku yenduna, uJesu uya eNayini, umuzi ongamakhilomitha angaphezu kwama-32 ukuya eningizimu-ntshonalanga yeKapernawume. Uhamba nabafundi bakhe nesixuku esikhulu. Cishe bafika emaphethelweni eNayini sekuntambama, lapho behlangana khona nomngcwabo. Isidumbu sensizwa sikhishelwa ngaphandle ukuyongcwatshwa.

Isimo sikanina singesidabukisa kakhulu, njengoba engumfelokazi futhi lona kuwukuphela komntanakhe. Lapho umyeni wakhe efa, wayengaduduzwa iqiniso lokuthi wayenendodana. Amathemba akhe, izifiso nemigomo kwakugxiliswe esikhathini sayo esizayo. Kodwa manje akusekho-muntu owayengamduduza. Usosizini olukhulu njengoba abantu bomuzi behamba naye beya emangcwabeni.

Lapho uJesu ebona lona wesifazane, inhliziyo yakhe ithintwa ukudabuka kwakhe okukhulu. Ngakho ngomusa, nangokuqina okunikeza isibindi, uthi kuye: “Ungakhali.” Isimo sakhe nesenzo kubamba ukunakekela kwesixuku. Ngakho lapho esondela futhi ethinta uhlaka okuthwelwe ngalo isidumbu, abaluthwele bayama. Kumelwe ukuba bonke bayazibuza ngalokho azokwenza.

Kuyiqiniso ukuthi labo abahamba noJesu baye bambona ephulukisa ngokuyisimangaliso abantu abaningi ezifweni. Kodwa ngokusobala abakaze bambone evusa noma ubani kwabafileyo. Ingabe wayengayenza into enjalo? Ekhuluma nesidumbu, uJesu uyayala: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!” Futhi insizwa iyavuka! Iqala ukukhuluma, futhi uJesu uyinikeza unina.

Lapho abantu bebona ukuthi ngempela insizwa iyaphila, baqala ukuthi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu.” Abanye bathi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.” Ngokushesha izindaba zalesenzo esimangalisayo zisakazeka kulo lonke elaseJudiya nakulo lonke elangakhona.

UJohane uMbhapathizi usalokhu esejele. Kodwa abafundi bakhe bambikela ngazo zonke lezinto ababona uJesu ezenza. UJohane usabela kanjani? Futhi kuyini ukusabela kwabanye abaningi abasezindaweni lapho uJesu enza khona izimangaliso zakhe? Umagazini wethu olandelayo uyophendula. Luka 7:11-18.

◆ Yini eyenzekayo njengoba uJesu esondela eNayini?

◆ UJesu uthinteka kanjani ngalokho akubonayo, futhi yini ayenzayo?

◆ Abantu basabela kanjani esimangalisweni sikaJesu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela