Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Indlela Eya Ekuphileni
INDLELA eya ekuphileni iyileyo yokunamathela ezimfundisweni zikaJesu. Kodwa akulula ukwenza lokhu. Ngokwesibonelo, abaFarisi bathambekele ekwahluleleni abanye ngonya, futhi kungenzeka ukuthi abaningi bayabalingisa. Ngakho njengoba uJesu eqhubeka neNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, unikeza lokuyala: “Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho.”
Kuyingozi ukulandela ukuhola kwabaFarisi abagxeka ngokweqile. Ngokulandisa kukaLuka, uJesu ubonisa lengozi ngokuthi: “Impumputhe ingahola impumputhe na? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na?”
Ukugxeka abanye kakhulu, ukhulisa amaphutha abo futhi uwanaka, kuyicala elingathi sína. Ngakho uJesu uyabuza: “Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho; bheka, ugongolo lusesweni lakho, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.”
Lokhu akusho ukuthi abafundi bakaJesu akumelwe basebenzise ukuhlakanipha ngokuqondene nabanye abantu, ngoba uthi: “Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube.” Amaqiniso avela eZwini likaNkulunkulu angcwele. Afana namaparele angokomfanekiso. Kodwa uma abantu abathile, abanjengezinja noma izingulube, bengabonisi ukwazisa ngalamaqiniso ayigugu, abafundi bakaJesu kumelwe bashiye labobantu futhi bafune izindlebe ezilalelayo.
Nakuba uJesu eye wakhuluma ngomthandazo ngaphambili entshumayelweni yakhe, manje ugcizelela isidingo sokuphikelela kuwo. Uyakhuthaza, “Celani, khona nizakuphiwa.” Ukuze abonise indlela uNkulunkulu akulungele ngayo ukuphendula imithandazo, uJesu uyabuza: “Ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe? . . . ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.”
Ngokulandelayo uJesu unikeza lokho osekuye kwaba umthetho owaziwayo wokuziphatha, ngokuvamile obizwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Uthi: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.” Ukuphila ngalomthetho kuhilela isenzo esiqondile ekwenzeni okuhle kwabanye, ubaphatha ngendlela ofuna ukuphathwa ngayo.
Ukuthi indlela eya ekuphileni ayilula kwembulwa umyalo kaJesu othi: “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.”
Inkulu ingozi yokudukiswa, ngakho uJesu uyaxwayisa: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.” Ngisho nanjengoba imithi emihle nemithi emibi ingabonwa ngezithelo zayo, uJesu uphawula ukuthi abaprofethi bamanga nabo bangabonwa ngokuziphatha kwabo nangezimfundiso.
Eqhubeka, uJesu uchaza ukuthi akukhona nje kuphela lokho umuntu akushoyo okumenza abe umfundi waKhe kodwa lokho akwenzayo. Abantu abathile bathi uJesu uyiNkosi yabo, kodwa uma bengenzi intando kaYise, uthi: “Ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.”
Ekugcineni, uJesu wenza isiphetho esikhumbulekayo sentshumayelo yakhe. Uthi: “Yilowo nalowo owezwa lawamazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyondlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.”
Ngakolunye uhlangothi, uJesu uthi: “Yilowo owezwa lawamazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyondlu, yawa, kwaba-kukhulu ukuwa kwayo.”
Lapho uJesu eqeda intshumayelo yakhe, izixuku ziyamangala ngendlela yakhe yokufundisa, ngoba uzifundisa njengomuntu onegunya hhayi njengabaholi bazo benkolo. Mathewu 7:1-29; Luka 6:27-49.
◆ Yini uJesu ayishoyo ngokwahlulela abanye, nokho ukubonisa kanjani ukuthi abafundi bakhe badinga ukusebenzisa ukuhlakanipha ngokuqondene nabantu?
◆ Yini uJesu ayishoyo ngokuqhubekayo ngokuqondene nomthandazo, futhi imuphi umthetho wokuziphatha awunikezayo?
◆ UJesu ubonisa kanjani ukuthi indlela eya ekuphileni yayingeke ibe lula nokuthi kunengozi yokudukiswa?
◆ UJesu uyiphetha kanjani intshumayelo yakhe, futhi imuphi umphumela eba nawo?