Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Imihlangano YaseArgentina Evelele
“OFAKAZI BAKAJEHOVA baye bafunda ukuhlangana ngaphandle kobudlova noma udlame, ngaphandle kukagwayi noma utshwala, ngaphandle kokweqisa kwanoma iluphi uhlobo. Ngokungangabazeki, lokhu kuyisifundo ngomphakathi ofana nowethu, ohlobaniswa ngokomthetho nenkolo yamaKatolika, nokho onobunzima ekunakekeleni imibuthano emikhulu ezinkundleni zebhola likanobhutshuzwayo ezivame ukuba nezenzakalo zokungabekezeli, ngesinye isikhathi ezishaqisayo,” kubika umagazini waseArgentina iFlash. Lokukhulumela kwenziwa ngokuqondene nomunye weMihlangano emine “Yabagcina Ubuqotho” yoFakazi BakaJehova eyenziwa eArgentina ngoJanuary 1986. Ngempela, abazalwane bajabula lapho bebona abayizi-97 736 beba khona emihlanganweni emine. Kwakuyisikhathi senjabulo ngabo ukuba babe cishe nabazalwane babo abangama-600 abavela emazweni ayi-19 nasemazwekazini ayi-5 bekanye nabo. Bajabula, futhi, ngokuzwa ukuthi kwabayizi-97 736 ababekhona, cishe abayizi-40 000 kwakungabantu abasha abathakazelayo.—IHubo 122:1.
Amaphephandaba abatusa kakhulu abantu ababesemhlanganweni ngenxa yokuhleleka kwabo nokuziphatha okuhle. Iphephandaba iLa Razon laqokomisa okulandelayo ngokuqondene nomhlangano waseBuenos Aires eNkundleni yaseRiver Plate lapho kwakunabangaphezu kwezi-57 000: “Ukuhleleka, inhlanzeko, nokuthula okuphawulekayo, izimfanelo . . . Ukuhlangana kwabathembekile kwabonisa ukuhleleka okuphelele . . . ukuhleleka okungavamile lapho kubuthene abantu abaningi.”
Iphephandaba iLa Nacion lathi ngomhlangano owawunabayizi-15 000 owawuseRosario: “Naphezu kwenani elikhulu labantu ababemenywe oFakazi BakaJehova, kwakungekho ngisho nephoyisa elilodwa lapho, futhi kwakunokuhleleka okuphelele.”
Izivakashi zasebenzisa zonke izinhlobo zezinto zokuhamba ukuze zifinyelele kulemihlangano: izindiza, izitimela, amabhasi, izimoto, namabhayisekili. Kwaqashwa amabhasi angaphezu kwama-870 nesitimela esisodwa ukuba athuthe izivakashi ezisuka eRio Negro Valley eningizimu nezwe ziya emhlanganweni eRiver Plate. Umuntu othile othakazelayo wahamba ngebhayisekili izinsuku ezine, amakhilomitha angama-800, eya emhlanganweni owawuseCórdoba.
Kungani kwenziwa wonke lomzamo wokuba khona? Kungoba oFakazi BakaJehova basikhathalela ngokujulile isidingo sabo esingokomoya. (Mathewu 5:3) Iphephandaba iClarin laphawula: “Iseluleko, isiyalo esingokwemvelo, izincazelo ezingokweBhayibheli, kwakulandelwa ngokunakekela izinkulungwane zamadoda nabesifazane, ababebhala amaphuzu lapho kukhulunyelwa ivesi leBhayibheli, baphenye imiBhalo eNgcwele futhi bafunde umbhalo ocashuniwe.” ILa Voz del Interior yaseCórdoba yaphawula: “Umhlangano wagcizelela isidingo sokufunda indlela yokugcwalisa ngokunakekela umthetho kaNkulunkulu, ngisho nasezicini ezinjengokuhlangana, umculo, nokugqoka komuntu siqu.”
Ibonisa ithonya lokwaziswa okwanikezwa, indoda ethile, esikhathini esithile ngemva komhlangano yathi: “Kusukela ngalolosuku [eyayikhona ngalo emhlanganweni] kuye phambili, ukuphila kwami kuye kwashintsha ngokuphelele. Ngisebenzisana kangcono namalungu omkhaya wami. Ngisebenza kangcono. Ngijabula kakhulu ngokunazi, ukubona ukuthi basekhona abantu abalungile, abasiza omakhelwane babo ngenxa yothando lukaJesu. Abesifazane abagqoke izingubo ezifaneleyo, kungekho obhemayo noma ophuzayo. Ipharadesi loqobo, elinabantu abaningi kakhulu abanobunye nabaziphethe sengathi bangumkhaya owodwa omkhulu.”
Ukukhulumela okunjalo kusisiza ukuba sibone ukuthi kungenxa yomoya kaJehova ukuba ukuhleleka nothando olunjalo kube nokwenzeka.