Inzuzo Yemifanekiso Efundisayo
Imifanekiso ebonakalayo ngokuvamile iphumelela kangcono kunamazwi abhaliwe ekufundiseni imiqondo ebalulekile. Omunye umama uchaza indlela aduduzwa ngayo umfanekiso onjalo:
“Imifanekiso engokoqobo esencwadini ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngiyithanda ngokukhethekile ngenxa yokuphumelela kwayo ekukhanyiseni iphuzu okuxoxwa ngalo.
“Nokho, ukwazisa kwami ngokusiza kwayo kuzo zonke izindawo kwajula ngeSonto elidlule lapho ilungu lomkhaya wethu lihlangabezana nengozi. Indodana yethu encane, uAaron, yaphuka ingalo, futhi udokotela wachaza ukuthi kwakumelwe idluliswe emishinini ebulala imizwa ukuze ibuyiselwe. Njengoba indodana yethu yayihanjiswa ngenqodlana yeziguli, ngazizwa ngiphelelwa amandla ngokushesha. Njengoba isikhathi sasiqhubeka, ukukhathazeka kwami kwakhula.
“Khona-ke ngakhumbula umfanekiso osesahlukweni 11, ekhasini 100. Umongo wamazwi acashuniwe uthi, ‘Njengoba nje nomzali eyovumela ukuba umntwana amthandayo ahlinzwe nakuba kubuhlungu, noNkulunkulu unezizathu ezinhle zokuvumela abantu bahlupheke okwesikhashana.’ Njengoba ngangilokhu ngiphindaphinda lomqondo, ukuthula kukaNkulunkulu kwazinza kimi, futhi ngakwazi ukuzibamba nokuzithiba.”
Kulencwadi enhle kunemifanekiso emihle efundisayo engaphezu kwe-150, eminingi yayo ingenemibala emihle. Gcwalisa futhi uthumele isiqeshana esingezansi, ufake u-R4,50, futhi uzitholele eyakho.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile, enamakhasi angama-256 ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngifaka u-R4,50.