‘Ifinyelela Izinhliziyo Zabantwana’
Ingabe ungakujabulela yini okuthile okwenza lokho? Incwadi evela eNgilandi iyachaza:
“Ngifuna ukunazisa ukuthi incwadi ebomvana ethi Ukulalela UMfundisi Omkhulu iyakwazi ngempela ukufinyelela izinhliziyo zabantwana abancane. Indodakazi yami ngaso sonke isikhathi ifunda incwadi UMfundisi futhi nendodana yami uPaul ngokuvamile ifunda eyayo.
“Kumelwe nginihalalisele nezisebenzi zenu ngendlela eniye nahlanganisa ngayo incwadi. Abantwana bami ababili, uPaul oneminyaka eyi-11 ubudala noDawn Caroline oneminyaka eyi-9 1⁄2 ubudala, bayazijabulela ngempela izincwadi. Futhi zenza umsebenzi wami ubelula, njengoba umkhaya wethu uwumkhaya womzali oyedwa, ngoba izincwadi zibaqondisela ezindleleni eziqondile.”
Ungaluthola lolusizo ekukhuliseni umntwana ngokumane ugcwalise futhi uthumele isigqebhezana esingezansi no-R1,80.
Sizani nithumele incwadi enoqwembe oluqinile, enamakhasi ayi-192 Ukulalela UMfundisi Omkhulu. Ngifaka u-R1,80.