Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Obani Abajabula Ngempela?
WONKE umuntu ufuna ukujabula. Eqonda lokhu, uJesu uqalisa iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni ngokuchaza labo abajabula ngempela. Njengoba singase sicabange, lokhu ngokushesha kuthatha ukunaka kweziningi izethameli zakhe. Nokho amazwi akhe okuvula kumelwe azwakale edida kwabaningi.
Ebhekisela amazwi akhe kubafundi bakhe, uJesu uyaqala: “Jabulani nina-bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Jabulani nina-balambileyo kalokhu, ngokuba niyakusuthiswa. Jabulani nina-bakhalayo kalokhu, ngokuba niyakuhleka. Jabulani nina nxa abantu benizonda . . . Thokozani ngalolosuku ningqabithe, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini.”
Lokhu ukulandisa kukaLuka kwesethulo seNtshumayelo kaJesu. Kodwa ngokuloba kukaMathewu uJesu futhi uthi, abathobekileyo, abamnene, abanenhliziyo ehlanzekileyo, nabanokuthula bayajabula. Laba bayajabula, ngokuphawula kukaJesu, ngoba bayokudla ifa lomhlaba, bayoboniswa isihawu, bayobona uNkulunkulu futhi bayobizwa ngokuthi bangamadodana kaNkulunkulu.
Nokho, lokho uJesu akushoyo ngokuba ngojabulayo, akukhona nje ukwenama noma ukuhleka njengalapho umuntu eneme. Injabulo yeqiniso ijulile, iphethe umqondo wokwaneliswa, umuzwa wokwaneliseka ekuphileni.
Ngakho-ke labo abajabula ngempela ngokubonisa kukaJesu, bangabantu abasibonayo isidingo sabo esingokomoya, abadabukiswa isimo sabo sesono, futhi bafinyelela ekwazini nasekukhonzeni uNkulunkulu. Ngakho ngisho bezondwa noma beshushiswa ngenxa yokwenza intando kaNkulunkulu, bayajabula ngoba bayazi ukuthi bathokozisa uNkulunkulu futhi bayokwemukela umvuzo wakhe wokuphila phakade.
Nokho, eziningi izilaleli zikaJesu, njengabantu abathile namuhla, zikholelwa ukuthi ukuchuma nokujabulela ukuzijabulisa yikhona okwenza umuntu ajabule. UJesu wazi okuhlukile. Ebonisa ukuphambana okumelwe kumangalise eziningi izilaleli zakhe, uthi:
“Maye kinina-bacebileyo, ngokuba niyamukela induduzo yenu! Maye, kinina-bahlekayo kalokhu, ngokuba niyakulila, nikhale. Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!”
UJesu usho ukuthini? Kungani ukuba nengcebo, ukulandela izinjabulo, nokujabulela ukwenanelwa abantu kuletha umaye? Kungenxa yokuthi lapho umuntu enazo futhi ezithanda lezizinto, inkonzo eya kuNkulunkulu, okuyiyona kuphela eletha injabulo yeqiniso iyakhishwa ekuphileni kwakhe. Ngesikhathi esifanayo, uJesu wayengasho ukuthi ukuba mpofu, ukulamba nokulila kwenza umuntu ajabule. Nokho, ngokuvamile abantu abasekuhluphekeni okunjalo bangasabela ezimfundisweni zikaJesu, futhi ngokwenza kanjalo babusiswa ngenjabulo yeqiniso.
Ngokulandelayo, ekhuluma nabafundi bakhe, uJesu uthi, “Nina ningusawoti womhlaba.” Yebo, akasho ukuthi bangusawoti ngokoqobo. Kunalokho usawoti uvikela ekuboleni. Inqumbi yawo yayiseduze kwealtare ethempelini likaJehova, futhi abapristi abengamele babewusebenzisa ekuvuvuzeleni ngawo iminikelo.
Abafundi bakaJesu ‘bangusawoti womhlaba’ ngokuthi banethonya elivikelayo kubantu. Ngempela, isigijimi abasiphethe siyovikela ukuphila kwabo bonke abasabela kuso! Siyoletha ekuphileni kwabantu abanjalo izimfanelo ezihlala njalo, ubuqotho nokwethembeka, sivimbele noma ikuphi ukubola okungokomoya nokokuziphatha kubo.
“Nina ningukukhaya kwezwe,” uJesu utshela abafundi bakhe. Isibani asibekwa ngaphansi kwesitsha kepha sibekwa othini lwesibani. Ngakho uJesu uthi: “Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu.” Abafundi bakaJesu benza lokhu ngokufakaza kwabo kwasobala, nangokukhonza njengezibonelo ezikhanyayo zokuziphatha okuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Luka 6:20-26; Mathewu 5:3-16, qhathanisa neNW.
◆ Obani abajabula ngempela futhi ngani?
◆ Obani abathola umaye, futhi ngani?
◆ Kukanjani abafundi bakaJesu ‘bengusawoti womhlaba nokukhanya kwezwe’?