Ingabe Abafileyo Bayaphila? Lokho Abantu Abakushoyo
OWESIFAZANE osemdala omnyama wayebukeka egula kabi. Izinyawo zakhe zazibuhlungu kangangokuthi wayengakwazi ukuhamba. Wayebonakala engajwayelekile—izinwele zakhe zazigcotshwe ngebomvu, wayegqoka izikhafu ezihlukahlukene, futhi izandla nezinyawo zakhe zazihlotshiswe ngeziphandla. Kungani? Ngoba eminyakeni engaphezu kwama-50 wayekholelwa ukuthi wayenemimoya yokhokho bakhe. Izangoma zazithe ibomvu, izikhafu, neziphandla ‘kwakuyomphulukisa.’
Ingabe kuyinkolelo engavamile? Phinde. EAfrika kuphela, ukuphila kwabantu abangenakubalwa kugxiliswe enkolelweni yokuthi okhokho abafile banamandla “okuvikela inzalo yabo noma bayijezise ngokugula okuncane noma ishwa,” njengoba incwadi ethi African Heritage ikubeka. Ukukhulekelwa okufanayo kokhokho kuyenziwa kwezinye izingxenye eziningi zomhlaba. Nakuba kungase kubonakale kumangalisa, ukukhulekela okunjalo ngokunokwenzeka kuyefana ngandlela-thile nezinkolelo ezingokwenkolo lapho uhlala khona. Kanjani?
AmaHindu nabanye bakholelwa enkolelweni yokuphindukuzalwa. Abanenkolelo emimoyeni bakholelwa ukuthi umuntu angathintana nabafileyo ngemimoya. AmaKatolika afundiswa ukuthi ekufeni abantu abaningi kumelwe bahlanzwe izono zabo esihlanzweni ngaphambi kokuba ekugcineni bafinyelele ezulwini kodwa ababi abangenakuguqulwa baya esihogweni somlilo. AmaProthestani amaningi akholelwa ukuthi abalungileyo baya ezulwini futhi ababi bahlushwa esihogweni, futhi abaningi bakholelwa ukuthi yilokho iBhayibheli elikufundisayo. Abanye abantu abaye baba nokuhlangenwe nakho kokusinda ekufeni bakholelwa ukuthi okuthile kuyasinda ekufeni komzimba.
Nakuba izinkolo zihlukahlukana ngemiqondo yazo ngokuphila kwangemva kokufa, nakhu eziningi zazo ezivumalana kukho—inkolelo yokuthi abafileyo bayaphila.
Ngokuqinisekile ukufa kuyisitha esesabekayo, esihlasela abantu bazo zonke izinhlanga, abacebile nabampofu, abancane nabadala. Njengoba iBhayibheli lisho: “Niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.” (Jakobe 4:14) Zonke izinsuku abantu abaningi balahlekelwa abathandekayo babo ngokufa.
Ngakho-ke, abantu abaningi bayazibuza: ‘Bayephi? Ingabe bafile ngempela noma ingabe bayaphila kwenye indawo? Ingabe siyoke siphinde sibabone? Singazitholaphi izimpendulo eziyiqiniso?’