Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 7/15 kk. 8-9
  • Bakha Izikhwebu NgeSabatha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bakha Izikhwebu NgeSabatha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukha Izikhwebu NgeSabatha
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Bakha Ukudla Okusanhlamvu NgeSabatha
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ingabe AmaKristu Kumelwe Agcine ISabatha?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 7/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Bakha Izikhwebu NgeSabatha

NGOKUSHESHA uJesu nabafundi bakhe basuka eJerusalema babuyela eGalile. Sekuyintwasahlobo, futhi emasimini sekunezikhwebu ezinhlangeni. Abafundi balambile. Ngakho-ke bakha izikhwebu futhi bayadla. Kodwa njengoba kuyisabatha, izenzo zabo ziyaqashelwa.

Abaholi benkolo eJerusalema bebesanda kufuna ukubulala uJesu ngoba bethi uphula iSabatha. Manje abaFarisi bayabamangalela. Bathi, “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.”

AbaFarisi bathi ukukha izikhwebu nokuzihluba ukuze udle kuwukuvuna nokubhula. Kodwa ukweqisa kwabo ekuqondeni lokho okuphathelene nomsebenzi kuye kwenza iSabatha laba umthwalo, kanti lalenzelwe ukuba libe yisikhathi esijabulisayo, esakhayo ngokomoya. Ngakho-ke uJesu ubaphendula ngezibonelo ezingokomBhalo ukuze abonise ukuthi uJehova uNkulunkulu akazange ahlose ukusetshenziswa okunjalo okweqile komthetho waKhe weSabatha.

UJesu wathi, lapho uDavide nababenaye belambile bangena endlini kaNkulunkulu futhi badla izinkwa zokubukwa. Ngisho nakuba izinkwa zase zisusiwe kakade phambi kukaJehova futhi esikhundleni sazo kwafakwa ezintsha, ngokuvamile zazigcinelwa abapristi ukuba bazidle. Nokho, ngenxa yezimo, uDavide nababenaye abazange basolwe ngenxa yokuzidla.

Enikeza esinye isibonelo, uJesu uthi: “Anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi-nacala, na?” Yebo, ngisho nangeSabatha abapristi babeqhubeka nokuhlinza izilwane kanye neminye imisebenzi ethempelini belungiselela imihlatshelo yezilwane! UJesu uthi, “Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.”

Esola abaFarisi, uJesu uyaqhubeka: “Uma benazi ukuthi kuyini lokhu ukuthi: Ngifuna isihawu, hayi umhlatshelo, nga ningabalahlanga laba abangenacala.” Khona-ke uyaphetha: “Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.” UJesu wayesho ukuthini ngalokho?

UJesu wayebhekisele ekubuseni kwakhe kokuthula kweminyaka eyinkulungwane. Eminyakeni eyizi-6 000 isintu siye sahlushwa ukugqilazwa okunzima ngaphansi kukaSathane uDeveli, ubudlova nempi kuyizinto zansuku zonke. Ngakolunye uhlangothi, ukubusa okukhulu kwesabatha kukaJesu kuyoba isikhathi sokuphumula kukho konke ukuhlupheka okunjalo nokucindezeleka. Mathewu 12:1-8; Levitikusi 24:5-9; 1 Samuweli 21:1-6; Numeri 28:9; Hoseya 6:6.

◆ Yiliphi icala abafundi bakaJesu abamangalelwa ngalo, futhi uJesu uliphendula kanjani?

◆ Yikuphi ukwehluleka kwabaFarisi uJesu akubonakalisayo?

◆ UJesu ‘uyinkosi yesabatha’ ngayiphi indlela?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela