Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 7/1 kk. 16-17
  • Uphendula Abamangaleli Bakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uphendula Abamangaleli Bakhe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uphendula Abamangaleli Bakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ubuhlobo UJesu Anabo NoYise
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UKristu—Lowo Iziprofetho Ezigxile Kuye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Kukhona Isikhathi Esimisiwe” Sokusebenza Nesokuphumula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 7/1 kk. 16-17

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Uphendula Abamangaleli Bakhe

YISABATHA. UJesu uphilisa indoda esineminyaka engama-38 igula. Abaholi benkolo bobuJuda bambeka icala lokwephula iSabatha. Kodwa uJesu uyaphendula: “UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza.”

Naphezu kokumangalela kwabaFarisi, umsebenzi kaJesu akuwona owohlobo olwenqatshelwe umthetho weSabatha. Umsebenzi wakhe wokushumayela nokuphilisa uyisabelo esivela kuNkulunkulu, futhi elingisa isibonelo sikaNkulunkulu, uqhubeka ewenza zonke izinsuku. Nokho, impendulo yakhe yenza amaJuda acasuke ngisho nangokwengeziwe kunangaphambili, futhi afuna ukumbulala. Ngani?

Ngenxa yokuthi manje akukhona nje ukuthi bakholelwa ukuthi uJesu uphula iSabatha kuphela kodwa babheka ukusho kwakhe ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu njengokuhlambalaza. Nokho, uJesu akesabi futhi uqhubeka ebaphendula ngokuqondene nobuhlobo bakhe obuhle noNkulunkulu. Uthi: “UYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena.”

UJesu uyaqhubeka: “Njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.” Ngempela, iNdodana isiyabavusa kakade abafileyo ngendlela engokomoya! “Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo,” kusho uJesu, “usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.” Yebo, uyaqhubeka: “Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.”

Nakuba kuze kube yilesikhathi ungekho umlando obonisa ukuthi uJesu ukhona aseye wamvusa ngokoqobo kwabafileyo, utshela abamangaleli bakhe ukuthi okunjalo ukuvuswa koqobo kwabafileyo kuyokwenzeka. Uthi, “ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo [baphume].”

Kuze kube manje, uJesu ngokusobala ubengakaze ayichaze phambi kwabantu indima yakhe ebalulekile enjongweni kaNkulunkulu ngendlela ekhanya neqondakala kangaka. Kodwa abamangaleli bakaJesu sebenobufakazi obungaphezu kobakhe ngalezizinto. UJesu uyabakhumbuza, “nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso.”

Eminyakeni nje emibili ngaphambi kwalokho, uJohane uMbhapathizi watshela abaholi benkolo bobuJuda ngaLowo oza emva kwakhe. Ebakhumbuza ngokwazisa kwabo okukhulu ababenakho ngoJohane manje oseboshiwe, uJesu uthi: “Nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.“ UJesu ubakhumbuza lokhu ngethemba lokubasiza, yebo, ukubasindisa. Nokho akancikile ebufakazini bukaJohane.

“Yona lemisebenzi engiyenzayo [kuhlanganise izimangaliso asanda kuzenza], iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.” Kodwa ngaphandle kwalokho uJesu uyaqhubeka: “NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami.” Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wafakaza ngoJesu, ekubhapathizweni kwakhe, ethi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”

Ngempela, abamangaleli bakaJesu babengenazo izaba zokwenqaba uJesu. Yona kanye imibhalo ababethi bayayihlola ifakaza ngaye! UJesu uyaphetha, “uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami. Kodwa uma ningakholwa imibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?” Johane 5:17-47; 1:19-27; Mathewu 3:17.

◆ Kungani umsebenzi kaJesu ungewona ophula iSabatha?

◆ UJesu uyichaza kanjani indima yakhe ebalulekile enjongweni kaNkulunkulu?

◆ Ubufakazi bukabani uJesu akhomba kubo, ukuze abonise ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela