Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Kungani oFakazi BakaJehova beye bakhipha ekuhlanganyeleni (banqamula ubudlelwane) abathile abahlubukayo abasalokhu bethi bakholelwa kuNkulunkulu, eBhayibhelini, nakuJesu Kristu?
Labo abasho kanjalo bayavuma ukuthi izinhlangano eziningi ezingokwenkolo ezithi zingezobuKristu zivumela imibono ephambene. Ngisho nabanye abefundisi abavumelani nezimfundiso eziyisisekelo zesonto labo, nokho bahlala besekumeni okuhle. Cishe kuzo zonke izinhlelo zeLobukholwa kukhona abakholelwa emibonweni yanamuhla nabakholelwa ekulichazeni njengoba linjalo iBhayibheli abangavumelani ngempela ngokuphefumlelwa kwemiBhalo.
Nokho, izibonelo ezinjalo azisinikezi izisekelo zokwenza okufanayo. Kungani? Izinhlelo eziningi ezinjalo zivumela kakhulu imibono ehlukene, phakathi kwabefundisi nebandla ngoba banomuzwa wokuthi abanakuqiniseka ngokuthi liyini ngempela iqiniso leBhayibheli. Bafana nababhali nabaFarisi bosuku lukaJesu ababengakwazi ukukhuluma njengabantu abanegunya, okuyindlela uJesu ayefundisa ngayo. (Mathewu 7:29) Ngaphezu kwalokho, ngezinga abantu abathanda inkolo abakholelwa ngalo ekuxubeni izinkolo, baphoqelekile ukuba bangazithathi ngokungathí sina kakhulu izinkolelo ezishayisanayo.
Kodwa ukuzibheka ngaleyondlela izindaba akunaso isisekelo emiBhalweni. UJesu akazange abe nesisusa esifana nesanoma imaphi amahlelo obuJuda. AmaJuda alawomahlelo ayethi akholelwa kuNkulunkulu wendalo nasemiBhalweni yesiHeberu, ikakhulukazi uMthetho kaMose. Nalapha, uJesu watshela abafundi bakhe ukuba ‘baxwaye isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.’ (Mathewu 16:11, 12; 23:15) Phawula futhi indlela enamandla umphostoli uPawulu abeka ngayo lendaba: “Noma kungaba-yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe-ngoqalekisiweyo.” Khona-ke uPawulu wawaphinda lawomazwi ukuze agcizelele.—Galathiya 1:8, 9.
Ukufundisa imibono ephambene noma ehlukene akuvumelani nobuKristu, njengoba uPawulu ekwenza kukhanye kweyoku-1 Korinte 1:10: “Ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume-zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.” Kwabase-Efesu 4:3-6 wabuye wabonisa futhi ukuthi amaKristu kumelwe “[a]khuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula; munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu; yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo; munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke.”
Ingabe lobubunye babuyofinyelelwa futhi bulondolozwe ngokuzihlolela komuntu imiBhalo eyedwa, afinyelele eziphethweni zakhe siqu, bese ezifundisa? Lutho neze! Ngenxa yalenjongo uJehova uNkulunkulu, esebenzisa uJesu Kristu, wanikeza “abanye ukuba babe-ngabaphostoli, . . . abavangeli, abanye abelusi nabafundisi . . . size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo.” Yebo, ngosizo lwezikhonzi ezinjalo, ubunye bebandla—ubunye ekufundiseni nasemsebenzini—kwakungenzeka futhi kwakuyokwenzeka.—Efesu 4:11-13.
Ngokusobala, isisekelo sokuzihlanganisa ngokwamukelayo noFakazi BakaJehova asinakuya nje kuphela ngokukholelwa kuNkulunkulu, eBhayibhelini, kuJesu Kristu, njalonjalo. Upapa wamaRoma Katolika, kanye nomBhishobhi Omkhulu waseCanterbury waseSheshi, uthi uyakholelwa kulokhu, nokho amalungu amasonto abo awanandaba ngomunye nomunye. Ngokufanayo, ukuzisholo nje ukuthi uyakholelwa kulokho akunakumgunyaza umuntu ukuba aziwe njengomunye woFakazi BakaJehova.
Ukuzihlanganisa ngokwamukelekayo noFakazi BakaJehova kudinga ukwamukela zonke izimfundiso eziyiqiniso zeBhayibheli, kuhlanganise nalezozinkolelo ezingokomBhalo ezingezoFakazi BakaJehova kuphela. Lezozinkolelo zihlanganisani?
Ukuthi impikiswano enkulu ephambi kwesintu iyilungelo lobukhosi bukaJehova, okuyisizathu esimenze wavumela ububi isikhathi eside kangaka. (Hezekeli 25:17) Ukuthi uJesu Kristu wake waphila ngaphambi kokuba ngumuntu futhi ungaphansi kukaYise wasezulwini. (Johane 14:28) Ukuthi kukhona “inceku ethembekileyo neqondayo” esemhlabeni namuhla ‘ephathiswe zonke izithakazelo zikaJesu zasemhlabeni,’ okuyinceku ehlangene neNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. (Mathewu 24:45-47) Ukuthi u-1914 waphawula ukuphela kweZikhathi Zabezizwe nokumiswa koMbuso kaNkulunkulu emazulwini, kanye nesikhathi sokuba khona kukaKristu okwabikezelwa. (Luka 21:7-24; IsAmbulo 11:15–12:10) Ukuthi amaKristu ayizi-144 000 kuphela ayothola umvuzo wasezulwini. (IsAmbulo 14:1, 3) Ukuthi iArmagedoni, okubhekisela empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke, iseduze. (IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-21) Ukuthi iyolandelwa ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, okuyobuyisela ipharadesi lomhlaba wonke. Ukuthi abokuqala abayolijabulela kuyoba “isixuku esikhulu” samanje ‘sezinye izimvu’ zikaJesu.—Johane 10:16; IsAmbulo 7:9-17; 21:3, 4.
Ingabe sinaso isandulela esingokomBhalo sokuthatha isimo esiqine kanjalo? Ngempela sinaso! UPawulu waloba ngabathile osukwini lwakhe: “Nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye.” (2 Thimothewu 2:17, 18; bheka futhi uMathewu 18:6.) Akukho lutho olubonisa ukuthi lamadoda ayengakholelwa kuNkulunkulu, eBhayibhelini, emhlatshelweni kaJesu. Nokho, ngaleliphuzu elilodwa eliyisisekelo, lokho ayekufundisa ngokuqondene nesikhathi sovuko, uPawulu ngokufanelekile wawahlanganisa nezihlubuki, amaKristu athembekile ayengenakuzihlanganisa nazo.
Ngokufanayo, umphostoli uJohane wabiza njengabaphikukristu labo ababengakholelwa ekutheni uJesu wayeze esenyameni. Nabo kungenzeka babekholelwa kuNkulunkulu, emiBhalweni yesiHeberu, kuJesu njengeNdodana kaNkulunkulu, njalonjalo. Kodwa leliphuzu, lokuthi ngempela uJesu wayeze esenyameni, babengalivumi futhi ngalokho babebizwa ngokuthi “abaphikukristu.” UJohane uqhubeka athi ngokuqondene nalabo ababambelela emibonweni enjalo ephambene: “Uma kufika umuntu kini engalethi lokhokufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli; ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.”—2 Johane 7, 10, 11.
Ngokulandela izibonelo ezinjalo ezingokomBhalo, uma umKristu (othi ukholelwa kuNkulunkulu, eBhayibhelini, nakuJesu) ekhuthaza ngokungaphenduki izimfundiso ezingamanga, kungaba okudingekile ngaye ukuba axoshwe ebandleni. (Bheka uThithu 3:10, 11) Yebo, uma umuntu enokungabaza nje noma engazi lutho ngephuzu elithile, izikhonzi ezifanelekayo ziyomsiza ngothando. Lokhu kuyavumelana nalesiseluleko: “Abangabazayo, nibahawukele, nibasindise ngokubahlwitha emlilweni.” (Juda 22, 23) Ngakho-ke, ibandla lobuKristu leqiniso alinakumangalelwa ngokufanelekile ngokuthi liyashiqela ngokwezimfundiso, kodwa lithatha ubunye obukhuthazwa yiZwi likaNkulunkulu njengobubalulekile futhi lisebenzela kubo.